U-DJ ujabulela ukuqokwa kowezindondo

2019-09-11 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUSkhalo Nxele, oqokwe kowezindondo.

ISITHOMBE: sithunyelweUSkhalo Nxele, oqokwe kowezindondo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMUKLWEBHI wamapuleti wasendaweni yaKwaDindi, eTaylors Halt, uthi ukuqokwa kwakhe emncintiswaneni wezindodo owaziwa ngokuthi ama-Live Your Dream South African Youth Awards kuzomsiza ekutheni umsebenzi wakhe uthole ukwesekwa okuthe xaxa.

USkhalo Nxele (24) nowaziwa ngo “Holycson” esiteji, uqokwe emkhakheni we-Best Dj.

Lo mcimbi wezindondo waminyaka yonke uzoba seCity Hall eThekwini mhla zingama-30 kuLwezi (November).

Ekhuluma ne-Echo, uSkhalo uthe uyaqala ukuba aqokelwe indondo seloku aqala ukungena endimeni yezobumnandi ngonyaka wezi-2016.

“Ngijabulile kakhulu, leli ithuba lami lokuthi ngizibonakalise mina nomsebenzi wami engiwenzayo. Ngidinga wonke amavoti engingawathola ukuze ngizokwazi ukuthi ngibuyise le ndondo ize ekhaya nathi sikwazi ukuphakamisa igama ledolobha lethu laseMgungundlovu. Ngiyacela ngiyanxusa kubona bonke abantu ukuba bangivotele,” kubeka yena.

Ngaphandle kokuqokwa kulezi zindondo, uSkhalo uzokhipha ingoma yakhe esihloko esithi Kwamnandi emhlabeni nezophuma ngasekupheleni kwenyanga kaMandulo (September).

Ukuvotela uSkhalo, SMS LYD881 enombolweni ethi : 44633. I-SMS ibiza u-R50. Kuvotwa noma ikangaki.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.