U-R2 billion wohlelo lokwakhiwa kwezindlu kwaVulindlela

2016-07-06 06:00
PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UMengameli Jacob Zuma obehambele indawo yakwaVulindlela ngeviki elidlule. Lapha uthathwe nongqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu.

PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UMengameli Jacob Zuma obehambele indawo yakwaVulindlela ngeviki elidlule. Lapha uthathwe nongqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUZOFAKWA imali engu R2 billion ukuqinisekisa ukuthi ngonyaka ka 2018 kuzobe sekwakhiwe izindlu ezingu
25 000 ezigcemeni eziyisishiyagalolunye endaweni yakwaVulindlela.

Lokhu kuvezwe umengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi ehambele umcimbi wokubungaza ukwakhiwa kwezindlu ezingu 4.3 million kusukela ngonyaka ka 1994. Lomcimbi ubusenkundleni yezemidlalo eTaylors Halt ngoLwesine olwedlule nalapho kuthulwe ngokusemthethweni uhlelo lwakulendawo iVulindlela Rural People’s Housing Project oluqale ngonyaka ka 2011.

UZuma uthe uhulumeni uqoke lendawo yakwaVulindlela ukuthi ibe isizinda sentuthuko ekutheni imiphakathi yakhelwa kanjani izindlu kanti uveze ukuthi ukufakwa kwalesabelo zimali kuzobe kungokokuqala ukuthi kwenzeke ezweni lonke.

“Sikhethe ukuza lapha kwaVulindlela ngoba muhle kakhulu umsebenzi wokwakha izindlu lapha, iVulindlela Rural People’s Housing Project ingezinye zezinhlelo ezibaluleke kakhulu zihalumeni zokwakhela abantu izindlu.

“Okubalulekile ngaloluhlelo ukuthi abahlomulayo bazibambele mathupha futhi bazithathela bona izinqumo ngohlobo lwezindlu ezakhiwayo. Abantu bazibambele iqhaza kulendawo.”

Kumanje sekwakhiwe izindlu ezingu 12 000 kulendawo kanti umengameli uthe.

“Sinethemba kakhulu ukuthi ngonyaka ka 2018 sizoyifeza inhloso kahulumeni yokwakha izindlu ezingu 25 000 lapha eVulindlela. Uhulumeni uzofaka imali engu 2 billion ukwenza iVulindlela ibe ngeyokuqala ezweni lonke ukuthola isabelo esingaka kuhulumeni ngaloluhlelo lwe-People’s Housing Project.”

“Sifuna ukubona intuthuko kuzo zonke izindawo ezisentshonalanga noMgungungdlovu, kusukela e-Edendale kuze kuyofika e-Elandskop. Sifuna ukubona izimpilo zabantu zishitsha babe nemigwaqo, izikole kanye nemisebenzi. Asithandi uma sibona abantu bakithi bewelwa izindlu zodaka uma linetha izulu, sifuna ukubona izinto ziguquka ngokushesha kuwo wonke lamawadi.”

UZuma uthe banethemba ukuthi ngonyaka ka 2019 uma kuphela isigamu sahulumeni obusayo bazobe sebakhe izindlu ezingu 6 million.

Umengameli uncome umphakathi wakwaVulindlela ngokuba ngabaholi bentuthuko yabo, “Siyaziqhenya kakhulu ngalomsebenzi omuhle kangaka esiwubona kulendawo. Loluhlelo lunemihlomulo emikhulu emphakathini wonke ikakhulukazi ekuletheni amathuba emisebenzi kanye nokusebenzisana nokubambisana nohulumeni,” kusho uZuma.

“Yinhle lento yalapha yokuthi abantu bakhona ibona abazakhela izitini nabakha izinto zokwakha izindlu. Lokhu kusho ukuthi imali efakwa uhulumeni ayiphumi okusho ukuthi babambe iqhaza kwezomnotho ezweni lakithi. Njengohulumeni sifuna ukubona intuthuko iya phambili endaweni yakwaVulindlela.”

Njengengxenye yalomcimbi umengameli unikele ngendlu kuMnuz Richard Maphumulo (56) ohamba ngesihlalo samasondo wakuyona lendawo.

UMaphumulo ubehlala endlini yodaka ewayo kanti ubebhekana nenkinga uma kufanele aye endlini yangasese njengoba engenayo imilenze.

“Ngijabule kakhulu, bengingeke ngibe nayo yonke lento ngokuzenzela mina. Nezintuli ngeke zisangithola njengoba sengizohlala endlini yami entsha,” kusho uMaphumulo ngenjabulo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.