Ube impumelelo owe-Youth Day Spin Fest

2018-06-27 06:00
Kungesikhathi kunomdlalo wezimoto e-Mason’s Mill ngoMgqibelo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Kungesikhathi kunomdlalo wezimoto e-Mason’s Mill ngoMgqibelo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMDLALO wokuspinwa kwezimoto waminyaka yonke nobizwa nge-Youth Day Spin Fest ube nesasasa elikhulu kulo nyaka.

Lo mdlalo obubanjelwe e-Mason’s Mill ngoMgqibelo mhla zili-16 kuNhlangulana (June) uhehe izinkumbi zabantu njengoba kade kukhona nabadlali bezimoto abaphuma ngaphandle kwesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Umsunguli kanye nomgqugquzeli walo mcimbi uMnu Wonder Mvelase uthe umcimbi wakulo nyaka ukhombise ukukhula kakhulu uma uqhathaniswa neminyaka edlulile.

Uthe: “Besilindele abadlali bezimoto abangama-40 kodwa kugcine sekufika abangaphezu kwabangama-60.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi abantu bayaqala ngempela ukungena kulo mdlalo nokuyinhloso yethu vele ukuthi lokhu kuthathwe njengenye yenhlobo yezemidlalo.

“Okunye futhi okwenze ukuthi umdlalo wangalo nyaka wehluke kakhulu ingoba ubuhlanganisa ngisho amantombazane kanye nezingane ezincane ezinethalente lokudlala izimoto,” kubeka yena.

UMnu Mvelase naye ongumdlali wazo lezi zimoto ngaphansi kuka-TEAM 44 uthe bayafuna ukuwubona ukhula lo mdlalo minyaka yonke nabantu baphinde bakwazi ukuwuxhasa.

Omunye wabadlali bezimoto osamncane u-Sherwin Bauer (14) nohlanyise izihlwele ngesikhathi engena uthe ukuthanda izimoto wakuqala esemncane.

Uthe ukufuna ukuthi naye aze abe umdlali wazo izimoto wakuqala ngesikhathi esemcimbini wazo eneminyaka engu-9 nje kuphela.

“Sengineminyaka emithathu ngiqalile ukudlala kanti futhi ngiyakuthanda kakhulu.

“Izinto eziningi ngazifunda ngokubuka ngibona bekwenza bese ngiyakwenza.

“Abazali bami badlale indima enkulu njengoba bangiseka kusuka ekuqaleni ngiqala ukungena kulo mdlalo kwaze kwaba imanje,”kubeka yena.

UMnu Bongani Ngubane we-B.N Towings nokungenye yezinkampani ebezixhase lo mdlalo uthe lokhu abakwenzayo ingoba banothando lwezimoto.

“Sekunesikhathi sixhasa lo mdlalo saqzala kancane kancane kodwa unyaka nonyaka kuyakhula siyathemba ukuthi nangonyaka ozayo sizokwazi ukuxhasa ngokukhulu kunaloku.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.