Ubesebenza ngokuzikhandla umfundi ophumelele

2020-01-22 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUNkathalo Dlomo ongomunye wabafundi abenze kahle kumatikuletsheni.

ISITHOMBE: sithunyelweUNkathalo Dlomo ongomunye wabafundi abenze kahle kumatikuletsheni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“Ukusebena kanzima kanye nokuzimisela kunikeza imiphumela emihle ekugcineni.”

Lawa ngamazwi womunye wabafundi abenze kahle ezifundweni zabo zika matikuletsheni ngonyaka wezi-2019.

UNkathalo Dlomo (18) waseMbali Unit J nobefunda esikoleni samabanga aphakeme i-Goergetown Secondary School uthole o-A abayisikhombisa ezifundweni eziyisishiyagalolunye akade ezenza.

Phakathi kwezifundo athole kuzona o-A kubalwa, mathematics, physical science, economics, tourism, English, accounting kanye ne life orientation.

Ekhuluma ne-Echo uNkathalo uthe imiphumela yakhe ayizange imumangaze kakhulu ngoba ubazi vele ukuthi usebenze kanzima.

“Ngisebenze ngokuzikhandla kanye nokuzinikela ezifundweni zami unyaka wonke. Ngangize ngifundise ngisho abanye ozakwethu esifunda nabo esikoleni kanti kungijabulise kakhulu ukubona ukuthi nabo benze kahle ezifundweni zabo.

“Incwadi ibiphenduka umngani wami ngesikhathi ngifunda kangangokuba zonke izinsuku bengize ngilale ngizumeke ngiphethe incwadi esandleni,” kubeka yena.

UNkathalo uthe ekukhuleni kwakhe ubevele engumfundi okhaliphile kanti futhi ubengasali njalo uma ngabe kuklonyeliswa abafundi abenza kahle. Uthe uhlela ukuyokwenza izifundo ze-actuarial science eNyuvesi yaseKapa.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.