UBig Zulu ukhuthaza abaculi baseMgungundlovu

2018-10-24 06:02
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUSyabonga Nene owaziwa ngoBig Zulu.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUSyabonga Nene owaziwa ngoBig Zulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMREPHA odumile, uSyabonga Nene owaziwa ngoBig Zulu, usenxenxe abaculi be-hip hop abasafufusa eMgungundlovu ukuba bawuthande umculo wabo bese bayabekezela ukuze babone impumelelo.

UBig Zulu ubexoxa ne-Echo ngesikhathi ehambele indawo yaseMgungundlovu ngoLwesibili mhla zili-16 kuMfumfu (October) njengengxenye yokuzama uku-promoter i-album lakhe elisha elisihloko sithi Ushuni wenkabi neliphume ezinyangeni ezimbili ezedlule. Le-album linezingoma ezili-14. UBig Zulu uthe kubalulekile ukuthi abaculi abancane abasafufusa bazi ukuthi bafunani baphinde bafunde ukubekezela.

“Kumele uyithande into yakho oyenzayo bese uyabekezela ngoba akukho okudlula ukubekezela, kodwa uma ungayithandi into yakho, ayikho into ozoyibekezela.Uma wenze njalo ayikho into ezokuvimba ukufinyelela lapho ufuna ukuya khona, noma kanjani uzogcina uphumelelile.

“Enye into ebalulekile kakhulu kubaculi abasakhula ukuthi abayeke ukuzitshela ukuthi bona sebengosomaqhuzu kulomkhakha. Uma ungumculi nje kumele ungakhulumi kakhulu kodwa uyeke umsebenzi wakho kube iwona ozikhulumelayo. Kumele wenze isiqiniseko futhi sokuthi umculo wakho unomyalezo, unento oyifundisa abantu,” kubeka yena. Uqhube wathi lelicwecwe lihlukile kakhulu njengoba likhuluma ngezinto ezahlukene.

“Le-Album akusiyona nje eye-hip hop lena eyejwayelekile. Iyisintu kakhulu kanti futhi iyafundisa, ingalalelwa abantu abadala kanye nabancane kodwa bonke kube khona abakufundayo.”

Uthe isifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga naye akwazi ukuba nezinhlelo lapho ezofundisa khona intsha ngohlobo lo mculo we-hip hop.

Ngaphandle kokuba umculi, uBig Zulu uphinde abe ngumlingisi emdlalweni kamabonakude Isibaya, aphinde abe yijaji ohlelweni luka-SABC1 i-One Mic oludlala njalo ngoLwesihlanu ngehora lesithupha ntambama (6 pm).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.