UBlade ukhala ngezingozi zomgwaqo ePlessislaer

2018-07-04 06:02

UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke uDkt Blade Nzimande use­zwakalise ukukhathazeka ngenani eliphezulu lezingozi ezenzeka e-Plessislaer ikakhulukazi emgwaqeni u-Edendale Road uma abantu bewela besuka enxanxatheleni yezitolo i-Edendale Mall beya e-Edendale Crossing.

uDkt Nzimande ukusho lokhu ngoMgqibelo mhla zingama- 23 kuNhlangulana (June) nalapho kade ebize khona imbizo yoMnyango wakhe ukudingida izinkinga zemigwaqo.

Lena bekuyimbizo yokuqala kaDkt Nzimande seloku athatha izintambo njengongqongoshe walo mnyango, kanti ibibanjelwe ezinkundleni zemidlalo eCaluza.

uNzimande uthe: “I-Plessislaer ihamba phambili ngenani lezingozi eMgungundlovu kanti ilele isihlanu esifundazweni sonke sa­KwaZulu-Natal. Kushona abantu kulezi zingozi ezenzeka la endaweni yase-Plessislaer.

“Siyivakashelile leya ndawo ngihambisana noNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu kanye neMeya yomasipala uMsunduzi kanti sesiqhamuke nesu lokuthi sizoyiqeda kanjani le nkinga yalezi zingozi.

“Inani lezingozi emgwaqeni linyukile kulonya layaku 61,5% lisuka ku- 56% ngonyaka owedlule.

Kumele yonke imiphakathi yethu lapha eMgungundlovu sivuke izinhlaka ukufundisana ngokuphepha emgwaqeni.

Ngifuna ukuthi mhlazane ngibuya ngizwe ukuthi sekunezinhlaka ezahlukene kuzona zonke izindawo ezifundisa ngokuphepha,” kubeka yena.

uNzimande uzwakalise nokukhathazeka kwakhe ngokungapheli kokwakhiwa komgwaqo u-Edendale Road nosowaziwa ngo-Moses Mabhida nathe bazophenya bathole ukuthi kungabe yini ebambe ukuthi kuqedwe lo mgwaqo.

Lo mgwaqo usuthathe isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili ungapheli nokudala esikhulu isiminyaminya ezikhathini zasekuseni kanye nantambama.

Uphinde wakhwela wadilika kosomatekisi abasebenzisa udlame ukuxazulula izinkinga ethi bengumnyango abahambisana neze nezenzo zokusebenzisa udlame kanye nokubulalana.

“Lento esanda kwenzeka erenke yamatekisi eMasukwana asihambisani neze nayo. Yekani ukuphatha izibhamu ematekisini. Ayikho into engakhulunywa.

Uma kungukuthi ninenkinga ningasithinta nathi sizimisele ukuthi sehle size sizonilekelela ukuxazulula izinkinga.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.