Ubulawe waphonswa ngaphansi kwebhuloho owase-Ashdown

2018-03-07 06:00
ISITHOMBE : SITHUNYELWEUMnuz Sanele Boom otholwe ebulewe isidumbu sakhe saphonswa ngaphansi kwebhuloho.

ISITHOMBE : SITHUNYELWEUMnuz Sanele Boom otholwe ebulewe isidumbu sakhe saphonswa ngaphansi kwebhuloho.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“Baze bambulala kabuhlungu engenzile lutho umntwana wami.”

Lawa ngamazwi kaNkk Ntoaki Ndlovu ongunina kaMnuz Sanele Boom (29) wase-Ashdown okutholwe isidumbu sakhe sidindilizile ngaphansi kwebhuloho eliku-Manning Avenue ngoLwesithathu olwedlule ekuseni mhla zingama-21 kuNhlolanja (February).

UMnuz Boom utholwe enengozi yokugengcwa ekhanda okusolwa ukuthi ubulawe amalungu enhlangano elwisana nobugebengu (forum) ehhostela eliku-East Street.

Ngokuthola kwe-Echo uMnuz Boom washiya ikhaya wahlala emgwaqeni edolobheni esebenza njengomuntu ogada izimoto (car guard).

Unina kaMnuz Boom uthe izindaba zokushona kwendodana yakhe wazithola ngoLwesithathu olwedlule ephuma emsebenzini.

Elandisa intatheli ye-Echo uthe: “Okubuhlungu kakhulu ngelesi sehlakalo, nokuyinto eyohleli ingidla ngaphakathi wukuthi ngasibona isidumbu somtanami sesimboziwe sifakwa emotweni yezidumbu kodwa ngangingazitsheli ukuthi uyena. Ngangihamba ngeloli lasemsebenzini nokwathi uma siqhamuka ngakulona leli bhuloho iloli lethu lavinjwa iphoyisa elalizama ukulawula isiphithiphithi sezimoto njengoba bebematasa betakula isidumbu.

“Ngabuka konke okwakwenzeka kangangoba saze sakhuluma ngalo lolu daba nalabo engisebenza nabo. Amazwi ami okuqala ngesikhathi sikhuluma ngalolu daba ngathi kaze uyaziwa yini ukuthi owalaphi, kanti ngisho ingane yami uqobo. Waze wangizwisa ubuhlungu uNkulunkulu. Kungani kwakuze kumele ngibone yonke lento yenzeka? Baze bangimosha abantu abangibulalele ingane yami,” kuchaza uNkk Ndlovu obechiphiza izinyembezi.

Uqhube wathi nakuba uMnuz Boom ubengahlali ekhaya, bewumndeni bebe mthanda futhi benze konke okusemandleni ukukhombisa uthando kuye.

“Besihleli simuncenga ukuba abuyele ekhaya njalo uma simbona. Ubengumuntu olalelayo-ke ngoba ubefike abuye kodwa aphinde anyamalale athi kuphanteka kangcono uma ngabe esedolobheni kunokuba sekhaya. Kwesinye isikhathi ubebuya ekhaya ngaphandle kokucengwa, simubona esengena.”

UNkk Ndlovu uthe ugcine ukubona indodana yakhe ngoMsombuluko mhla zili-19 kuNhlolanja (February) kodwa wangakwazi ukukhuluma nayo kwazise ubedlula ngemoto yomsebenzi.

“Bengisanethemba lokuthi ngelinye ilanga umntwana wami uyobuya ekhaya sihlale ndawonye sonke iphele lento yokuthi ahlale edolobheni kodwa manje akasekho. Baze bamubulala ngesihluku umntwana wami engenzile lutho. Ukuba kuya ngami ngabe ngitshela bonke omama abane zingane ezihlala edolobheni ukuba bayo zilanda ngoba zizophela ilabantu abathi bahlanza idolobha.

“Akuqali ngoSanele ukulinyazwa abulawe ngoba nangonyaka owedlule kukhona abashaywa omunye, isidumbu sakhe satholakala ngaphansi kwebhuloho. Into engifuna ukuyazi nje wukuthi laba bantu abathi balwa nobugebengu bayinikezwa ubani imvume yokubulala izingane zethu. Mina ngazi ukuthi umuntu mayebanjwe eganga uhanjiswa emaphoyiseni ayi lokhu kwabo abakwenzayo.”

Uqhube wathi uselilahlile ithemba lokuthola abantu ababulale indodana yakhe. Uchaze uMnuz Boom njengomuntu obehlonipha, othulayo futhi engahluphi muntu.

Okhulumela amaphoyisa ase-Pietermaritzburg Central Police Station uKapteni Khosi Khonjelwayo uqinisekise lesigameko wathi bekungakaboshwa muntu.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kulandela ukutholakala isidumbu sinengozi enkulu ngaphansi kwebhuloho.” UMnuz Sanele Boom uzongcwatshwa ngoMgqibelo mhla ka-3 kuNdasa.(March).

.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.