Ubuyile owamahlaya eMgungundlovu

2018-11-21 06:02

BAZOHLEKA kuze kube buhlungu izisu abathandi bamahlanya njengoba kuzobanjwa umcimbi wamahlaya i-3rd Annual Pietermaritzurg Comedy Festival.

Lo mcimbi oba minyaka yonke nokuzobe kungokwesithathu wenzeka kulo nyaka uzobanjelwa e-Wiston Church Hill Theatre ngoMgqibleo mhla zingama-24 kuLwezi (November) kusukela ngehora lesikhombisa ntambama.

Lo mcimbi uhlelwe ngusomahlaya odumile uMnu-Justice Kubheka kanti kuhloswe ngawo ukuthuthukisa osomahlaya abasakhula khona lapha eMgungundlovu.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Kubheka uthe banethemba elikhulu lokuthi umcimbi wakulo nyaka uzodonsa abantu abaningi okudlula ngonyaka owedlule.

“Inhloso enkulu ngalo mcimbi ukuthi sifuna ukunikeza osomahlaya abasakhula ithuba okuthi bazibonakalise nabo ithalente labo emphakathini abaphila kuwo.

Asigcine ke kodwa ngokuthi sibanikeze ithuba kuphela kodwa siyaye sisebenzisane nabo kakhulu ukubalekelela lapho sibona ukuthi kuyaxega khona sibone ukuthi bangalungisa kanjani. Njalo ngonyaka sikhetha abantu abazoba ingxenye yalo mcimbi bese sibheka indlela abenza ngayo bese siyabelekelea. Lo mcimbi uyithuba elakhelwe osomahlanya baseMgungundlvu ukuba bakhule,” kubeka yena.

Uqhube wathi uyafisa ukuthi lo mcimbi uhleli ukhula minyaka yonke ukuze uzokwazi ukuthi ugcine usuyifestiavli eyaziwa yaseMgungundlovu.

“Ngonyaka owedlule bes inabantu ababebethi ababe ngama-300 kanti kulo nyaka sinethemba lokuthi inani lizokhula kakhulu.”

Amathikithi ayatholakala e-Computicket ngo-R170 kanti lizoba u-R200 emnyango.

Ngeminye imininingwane ungathinta lenombolo okanye uthumele umyalezo ku-Whatsapp : 078 088 6382

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.