Ubuyile uzime wedolobha

2019-11-06 06:02

UBUYILE uzime wedolobha uMgungundlovu nowaziwa ngokuthi u-Miss and Mr KZN Capital City nozobe wenzeka okwesibili kulo nyaka.

Uhlelo lokuzama inhlanhla (auditions) kulabo abazobe bebanga isicoco luzobanjelwa emtapweni wolwazi i-Bessie Head mhlaka-2 kuLwezi (November) ngehora leshumi ekuseni (10 am).

Umcimbi omkhulu wona uzoba mhlaka-7 kuZibandlela (December) eCity Hall.

Imali yokungenela lo mncintiswano u-R100 izingane, bese kuba u-R150 kubantu abadala.

Lo zime uzobe unemikhakha emithathu izingane (6-10 iminyaka), izingane eziphakathi kweminyaka 11-16(teenagers) kanye nabantu abadala (17-24 iminyaka).

Umncintiswano wakulo nyaka uzobe unesiqubulo sokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane.

Umhleli walo zime uMnu Thandokuhle Dlamini weNtsha YoMzansi Modelling Agency uthe inhloso yalo zime ukuzama ukuvala isikhala phakathi kwabantu basezindaweni zasemakhaya kanye nabasemadolobheni.

“Siyabahlanganisa bonke ndawonye ukuthi benze into abayithandayo.

Enye inhloso ukuthi sifuna ukuqhakambisa idolobha lethu,” echaza.

Abadle umhlanganiso kulo mncintiswano bazoba sethubeli lokuba yingxenye yohambo lwezinsuku ezimbili lokuyongcebeleka ehhotela elizokhethwa yibona eThekwini.

Abamodelayo bayanxuswa ukuba baphathe izikibha ezimhlophe kanye nama-jean aluhlaza kanye namateku abafana, amantombazane wona aphathe izicathulo eziphakeme.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.