NGEKE kuphikwe ukuthi umqeqeshi weqembu le-Bafana Bafana, uMnuz Stuart Baxter uvuse izinhlonzo kwabaningi ngesikhathi ekhetha iqembu lakhe ngesonto eledlule.
Sebebonke abadlali abakhethwe uBaxter bangama-25 kanti leli qembu lizodlala
ezweni lase Zambia emidlalweni ezoqala namhlanje (ngoLwesine) kanti imidlalo iyosongwa ngeSonto.
Lo mqhudelwano uhlanganise amaqembu amazwe amane (4) esewonke (Four Nations Tournament).
Ngaphandle kweqembu laseMzansi iBafana Bafana amanye amazwe ayobe ekhona kubalwa i-Angola, i-Zimbwabwe neZambia,
nokuyibona abasingethe lemidlalo.
Uma ubheka iqembu elikhethwe uBaxter lakamuva kuyacaca ukuthi usehlomela ikusasa futhi yingakho enze ushintsho lwabadlali abayi-14. Lo mqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi lelizwe linethalente eliyisimanga kanti nabadlali abangalitholi ithuba lokudlalela izwe labo baningi.
UMnuz Baxter uthe: “La eNingizimu Afrika sinenhlanhla kakhulu, baningi abadlali namaqembu futhi sinesiphiwo kulomdlalo. Mina ngithi ake sinike laba abanye abadlali abancane abangakaze baligqoke ijezi lesizwe.
“Okumnandi nje ngalabadlali abaqokiwe ukuthi abazibekile phansi futhi masebenza kanzima. Esikwenzile eqenjini kuzokwandisa ithimba elingabizwa njalo uma kudlalwa futhi nekusasa silihlomele,” kusho uMnuz Baxter.
Imidlalo ye-Four Nations Tournament izoqala namuhlanje (ngoLwesine) lapho iZambia (esingethe lemidlalo) izobhekana neZimbabwe enkundleni yezemidlalo i-Levy Mwanawasa Stadium eseNdola ngo 1 emini.
Kanti iqembu le-Bafana Bafana lizo landela nalapho liyobe lidlala ne-Angola ngo 3 ntambama khona enkundleni efanayo.
Abazohlulwa kulemidlalo yokuvula sebeyodelisana inkani ngeSonto mhla ka-25 kuNdasa (March) ngo 1ntambama belwela izindodo zethusi.
Umdlalo wamanqamu uyoba ngalo iSonto ngo 3 ntambama nalapho sekuyobe kugoqwa lemidlalo.
Abadlali abasha ababuyiswe uMnuz Baxter kubalwa uBrendon Peterson, uDarren Keet, uReeve Frosler, uRamahlwe Mphahlele, uDaniel Cardoso, uBuhle Mkhwanazi, uInnocent Maela, uSiphesihle Ndlovu, uTebogo Mokoena, uAubrey Modiba, uThembinkosi Lorch, uLebo Mothiba no-Ryan Moon.
Kanti selilonke iqembu elizomela uMzansi ulikhethe kanje :
AMA-GOALKEEPER:
1. UItumeleng Khune we-Kaizer Chiefs FC (SA)
2. U-Darren Keet we-Bidvest Wits FC (SA)
3. U-Brendon Peterson we-Ajax Cape Town FC (SA)
AMA-DEFENDER:
4. U-Reeve Frosler we-Bidvest Wits FC (SA)
5. URamahlwe Mphahlele we-Kaizer Chiefs FC (SA)
6. UThulani Hlatshwayo we-Bidvest Wits FC (SA)
7. UMotjeka Madisha weMamelodi Sundowns FC (SA)
8. U-Daniel Cardoso we-Kaizer Chiefs FC (SA)
9. UBuhle Mkhwanazi we-Bidvest Wits FC (SA)
10. U-Innocent Maela we-Orlando Pirates FC (SA)
11. US’Fiso Hlanti we-Bidvest Wits FC (SA)
AMA-MIDFIELDER:
12. U-Dean Furman we-Supersport United FC (SA)
13. USiphesihle Ndlovu we-Maritzburg United FC (SA)
14. UKamohelo Mokotjo we-Brentfort FC (England)
15. UTeboho Mokoena we-Supersport United FC (SA)
16. UBongani Zungu we-Amiens FC (France)
17. U-Aubrey Modiba we-Supersport United FC (SA)
18. USibusiso Vilakazi weMamelodi Sundowns FC (SA)
19. UThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates FC (SA)
20. U-Keagan Dolly we-Montpellier FC (France)
21. UPhakamani Mahlambi we-AL Ahly FC (Egypt)
22. UThemba Zwane weMamelodi Sundowns FC (SA)
AMA-STRIKER
23. U-Percy Tau we-Mamelodi Sundowns FC (SA)
24. ULebo Mothiba we-Lille FC (France)
25. U-Ryan Moon we-Kaizer Chiefs FC (SA)