Ucela ukuvotelwa oqokwe kowezindondo

2019-07-31 06:02
UNks Fairhope Molefe ocela ukuvotelwa.ISITHOMBE: sithunyelwe

UNks Fairhope Molefe ocela ukuvotelwa.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LICELA ukuvotelwa itshitshi eliqokwe emncintiswaneni wezindondo i-KZN Capital Maskandi Awards ozokwenzeka ngasekupheleni kwenyanga kaMandulo (September) eThornville.

UNks Madipuo Fairhope Molefe (25) uqokwe emkhakheni we Best Intombi ehlolwayo.

Lo mncintiswano uzobe wenzeka okwesihlanu kulonyaka.

Ekhuluma ne-Echo, uNks Molefe uthe kungokokuqala ukuba aqokelwe umncintiswano wezindondo.

“Ngijabulile kodwa futhi ngethukile. Isifiso sami ukuthi ngikwazi ukuthi ngiwine le ndondo ngoba izongigqugquzela kakhulu ukuba ngiqhubeka nokuziphatha kahle,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba kungokokuqala ukuba aqokelwe kulomkhakha uyakholelwa ekutheni kuningi angakwenza ukuletha ushintsho emphakathini kanye nasekugqugquzeleni amatshitshi asakhula.

“Ngiyakuthanda vele ukuhlolwa, kuyinto engazikhethela yona ukuthi ngithi ngiyafuna ukuyenza. Ngifuna ukusebenzisa leli thuba ukuba ngingqugquzele nabanye abafuna ukuhlolwa ukuba bangasabi kodwa bakwenze. Ngicela ukuthi abantu bangivotele ukuze ngizokwazi ukuthi ngiwine lendondo.”

Ukuvotela uNks Molefe thumela umqhafazo othi : 5Camas Best Intombi Ehlolwayo Madipuo Fairhope Molefe, enombolweni ethi: 45633. I-SMS ibiza u-R1,50. Ukuvotwa kuzovalwa ngasekupheleni kwenyanga kaMandulo. Umuntu angavota noma ikangaki.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.