Ucela usizo ontshontshelwe usana olunezinsuku ezine luzelwe

2019-12-11 06:01
ISITHOMBE : MOEKETSI MAMANEUmama wengane uZama Dlamini.

ISITHOMBE : MOEKETSI MAMANEUmama wengane uZama Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHIHLA esikaNandi owesifazane osemncane wasendaweni yase-Hopewell ontshontshelwe ingane yakhe yentombazane ebeyinezinsuku ezine kuphela izelwe kwezinye zezitolo ezisedolobheni ngoLwesihlanu olwedlule.

UNks Zama Dlamini ubeye edolobheni ehambise ingane yakhe uSthandwa Dlamini emtholampilo ku-East Street ukuba iyohlolwa okokuqala ngemuva kokuphuma esibhedlela ngoLwesithathu.

Elandisa i-Echo ngokwenzekile uZama uthe kwafika owesifazane emtholampilo behleli belindele umhlengikazi ozobasiza.

“Lona wesifazane wafika wadlalisa zonke izingane ezazikhona kodwa wakhombisa ukuthanda eyami kakhulu. Wangitshela ukuthi usebenzela enye inhlangano esiza ukuthi izingane zithole yonke into eziyidingayo kuphela umama uma ngabe ezophendula imibuzo emibili azobuzwa yona.

“Ngamutshela ukuthi mina angiyazi leyonhlangano wabe esethi asambe siye ehhovisini lapho esebenzela khona ukuze ngizophendula kahle imibuzo. Ubengumuntu othembekile ngako ngivumile ukuhamba naye . Ube esengiphathela ingane sahamba naye,” kubeka yena.

Uthe bathe uma ngabe sebedlula kwesinye sezitolo sezimpahla zokugqoka ku-Church Street lona wesifazane wabona ingubo ngaphakathi esitolo wabe esethi ucela ukuyithengela ingane kadadewabo.

“Wanginikeza imali engu-R50 wathi ucela ngimthathele yona ngimkhokhele. Sangena naye esitolo ngathatha ingubo sama kulayini ngoba wawumude salinda. Ngesikhathi sengikhokha emshinini wayekhona emva kwami kodwa ngathi uma ngiqeda ngithi ngiyaphenduka akasekho usenyamalele nengane yami.

“Ngaphuthuma ngamubheka isitolo sonke nangaphandle kodwa wayengasabonwa nangokhalo. Ngabika kubanikazi besitolo base befonela amaphoyisa kodwa athatha isikhathi ukufika.Kuze kube inamhlanje ingane yami angikakayitholi angiyazi ukuthi ulaphi. Ebusuku angilali ubuthongo abufiki nokudla nako akungeni.Okwenza kube buhlungu kakhulu ukuthi ngisaqaqanjelwa umthungo kodwa futhi manje sengintshontshelwe ingane yami.”

Ugogo kaZama uNkk Phumzile Zuma uthe isimo sinzima kubona bonke emndenini njengoba bebesahleli nengane izinsuku ezimbili nje kuphela.

“Indlela uZama ayejabule ngayo ukuthi usenengane wayengafuni nokuthi ngimuphathele yona ngesikhathi siphuma esibhedlela.Uyenza kanjani into yokuthi untshontshele umuntu ingane into ebucayi kanje?

“Asazi nokuthi ingane lapho ikhona uyiphethe kanjani iyadla yini uyayinakekela yini. Into esiyicelayo nje ukuthi lomuntu othathe ingane ashaywe unembeza ayibuyise. Ngisho kungathiwa akasazivenga ukuthi ungubani afike ayishiye noma isesiteshini samaphoyisa engabonwa umuntu sesiyokwamukela naloko. Asikwazi ukulala akudleki asazi ukuthi sizophuma sibhekephi uma ngabe sithi siyomufuna,” kubeka ugogo .

Ugogo uqhube wathi bayasola ukuthi lona wesifazane ubeyihlelile yonke lento ukuthi ufuna ukuntshontsha ingane.

“Noma ubani onolwazi sicela ukuba aphumele obala aye nasemaphoyiseni ukuthi sizothola ukuphumula nathi. Yazi kungcono ngisho kuthiwa ingane igulile yashona sayingcwaba kunokuthi ivele inyamalale singayazi ukuthi iyephi okanye isaphila yini lapho ikhona kumanje.”

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe amaphoyisa aphenya icala lokuthumba ingane. Bekungakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.