Ucela usizo oshelwe indlu

2018-04-18 06:02
PHOTO: sithunyelweUsale unje umuzi kaNkk Zondi ngemuva kokungqongqiswa umlilo.

PHOTO: sithunyelweUsale unje umuzi kaNkk Zondi ngemuva kokungqongqiswa umlilo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE wase-Northdale emgwaqeni u-Lotus Road uthi ucela noma ubani ongamusiza noma ingani ukuze ezokwazi ukuthi ukubuyisela impilo yakhe esimweni ngemuva kokushelwa umuzi wakhe wonke ngempelasonto yePhasika.

UNkk Thandi Zondi uthi kuze kube imanje akanayo indawo yokuhlala ucuphe endlini yendodakazi yakhe edolobheni.

Uthe akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani njengoba kwasha yonke into eyayisendlini enamagumbi amane.

“Nganginomzukulu wami ngesikhathi kwenzeka lenhlekelele. Ngangiwasha izingubo , angazi nokuthi yini eyaqala umlilo ngabona sekuvutha amalangabi ngabe sengibiza omakhelwane ukuba beze bazongisiza.

“Sazama ukuwucisha umlilo kodwa ilangabi lase linamandla kakhulu wasehlula. Kushe yonke into ebeyingaphakathi endlini anginalutho ngasala nezimpahla engangizigqokile nje kuphela ngoba angizange ngithole nethuba lokungena ngizame ukukhipha izinto ezincane. Noma ubani nje ongangisiza ngokunginikelela noma kungabe izimpahla zokugqoka noma ukudla ukuze ngizokwazi ukuqhubeka ngiphile,” kuchaza uNkk Zondi obebuye achiphize izinyembezi.

Emva kwalesi sigameko uNkk Zondi waphuthunyiswa esibhedlela ukuyokwelashelwa ukwethuka kakhulu.

Uthe selokhu kwenzeka lesi sigameko akakutholi ukuphumula emoyeni wakhe.

“Imicabango ngibona umuzi wami usha wonke uphela ayipheli engqondweni yami.

“Angisebenzi angazi ngizokwenza njani anginawo amandla okuqala phansi ngakhe omunye umuzi.

“Umasipala unginikezile itende lokulala, nezingubo nokudla okuncane kodwa angeke ngikwazi ukuphila ngokulala kuleli tende impilo yami yonke ikakhulukazi njengoba kunalezi zimvula ezinethayo.”

Uma kukhona ongathanda ukwelula isandla elekelele uNkk Zondi angashayela le nombolo ethi: 060 849 8236.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.