Ucela usizo owashiywa nosana oluncane

2018-07-04 06:02

ISAGUGA sasendaweni yase-Taylors e-Elandskop sicela noma ubani ongasisiza ukuba sithole unina wosana olwashiywa ngunina lunezinyanga ezimbili kuphela wangaphinda wabuya.

UNkk Zondi uthi ngesikhathi unina walengane igama lakhe kunguNyoniyamanzi Mdluli ongowokudabuka endaweni yase-Stanger kanti ubaba wakhe uSimphiwe Zondi noyindodana yakhe uNkk Zondi.

Elandisa i-Echo uNkk Zondi uthe akanayo inkinga nokunakekela ingane kwazise umzukulu wayo kodwa into ayifunayo ukuthi athole unina wayo ukuze ingane izokwazi ukuthola nesibonelelo sikahulumeni kwazise akekho osebenzayo ekhaya.

“Ngiwumuntu osemdala kanti futhi ngiphila ngokubamba amatoho emizini yabantu ewomakhelwane angiyitholi imali eyanele. Inkinga enkulu ukuthi manje angisakwazi ngisho ukuyobamba amatoho ngoba angikwazi ukuhambisa ingane enkulisa kwazise ayinaso isitifiketi sokuzalwa.

Ngizamile izikhathi eziningi kodwa ayikho inkulisa efisa ukumamukela engenaso isitifiketi sokuzalwa. Ngizamile ukuyomshayela eMnyangweni wezaseKhaya kwazise ikhadi lakhe lokuzalwa kanye nencwadi ephuma esibhedlela kukumina kodwa ngatshelwa ukuthi lolu udaba lwabosonhlalakahle ngoba le ngane ifana nelahliwe,” kubeka yena.

Uthe uzamile ukuxhumana nabosonhlalakahle kodwa bamutshela ukuthi kumele afune unina wengane ngaphambi kokuba bamusize.

Angazi nokuthi ngizoqalaphi uma ngimufuna ngoba angazi nalapho ehlala khona kanti asinayo nendlela yokuxhumana naye.

“Ingane wayishiya inezinyanga ezimbili kuphela izelwe kwakuyinyanga kaMasingana [January] ngonyaka owedlule.

Ngangizitshela ukuthi uyadlala uma ethi uyayishiya uyahamba yena ngeke aze aphinde abuye ukuzoyilanda ingane.

“Ngathi uma ngibuza ukuthi kungani ethi ngeke aze aphinde abuye wangitshela ukuthi angeke aze akwazi yena ukuyinakekela.

“Angizange ngimukholwe ingako ngingazange ngiyisukumele kusaqala ngimutshele akayenzele nesitifiketi sokuzalwa.

“Ingiphatha kabuhlungu lento ngoba kuzogcina sekuhlukumezeka ingane ekubeni ingenacala. Sengikhalela noma ikubani ongahle abe nolwazi ukuthi sigamutholaphi unina walengane ukuze ezokwazi ukuyishayela isitifiketi nje kuphela. Sizoqhubeka thina sizikhulisele yona ngoba siyayithanda,” kuphetha yena.

Noma ubani onolwazi sicela ashayele uNkk Zondi enombolweni ethi 078 574 7256.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.