Ucela uxhaso lokufukula ikhono umbhali Ongafisa ukusiza uMthembu angamshayela ku-078 373 4664. >>

2016-02-03 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Umbhali wezincwadi waseSobantu uSamkelo Mthembu ufisa ukuthola uxhaso ukufukula ikhono lakhe lokubhala.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Umbhali wezincwadi waseSobantu uSamkelo Mthembu ufisa ukuthola uxhaso ukufukula ikhono lakhe lokubhala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UCELA uxhaso ukuze akwazi ukushicelela incwadi yakhe umbhali wezincwadi waseSobantu okholelwa ukuthi ukubhala kwakhe kusezingeni eliphezulu.

USamkelo Mthembu (31) kumanje ubhale incwadi esihloko sithi “Amatriplets” lapho ekhuluma khona ngezingane zabafana ezintathu ezabelethwa kanyekanye kodwa zadukelana, zakhulela emindenini eyahlukene.

Uthe into emenze wabhala le ncwadi wukuthi baningi abantu noma abantwana abazalwa ezimeni ezicishe zifane nalezi abhale ngazo incwadi. Phezu kwalokho uMthembu uthe yena uye abuke izimo eziningi bese lokho kumnika umqondo wokuthi abhale ngazo.

“Ukubhala yinto engiyithanda kakhulu kusukela ngesikhathi ngikhula ngisewumntwana. Ngikhule nasesikoleni ngiwumuntu obethanda kakhulu ukubhala, lolo thando yilona olungenze ngafuna ukuqhubekela phambili ngibhale futhi ngizibone ngikude kakhulu. “Kuthe noma sengingasafundi ngaqhubeka futhi ngabhala sengizihlalele ngoba nginentshisekelo nothando lokubhala.

Omunye umuntu uzozibuza ukuthi kungani ngikhetha ukubhala ngolimi lwesiZulu. Lokhu kungenye yezindlela yokuqhakambisa ulimi lwethu nendlela yokuthi siziqhenye ngalo,” kubeka uMthembu.

Ngokwencwadi laba bafana bazalelwa ezweni lase Tanzania nokuthe nokuqhubeka kwezimpi kulona izwe lase Tanzania baphoqeleka ukuthi beze lapha ezweni lase Ningizimu Africa.

Echaza kabanzi ngele ncwadi yakhe uMthembu uthe angafisa ukuthola uxhaso lokuthi incwadi yakhe ishicilelwe. “Ngingafisa ukuthi ngiyibone ifundwa futhi idayiswa [ezikoleni] ezitolo zezincwadi. Ngiyacela ukuthi noma ubani ongaba nosizo ekutheni le ncwadi ithole ukushicilelwa afake isandla noma ngayiphi indlela. “Ukuba kwami umbhali kwabe kuyiphupho lami. Engikudingayo nje isiqalo ukuze ngikwazi ukuqhubekela phambili. Ngizimisele ukuwamukela usizo noma iluphi oluqhamukayo, ngisho ngabe uqeqesho oluzongisiza ukuze ngikwazi ukubhala,” kusho uMthembu.

Lo mbhali uphinde waveza ukuthi usanda kuqeda ukubhala enye yezincwadi zakhe esihloko sayo sithi “Unyendle”.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.