Ucela uxhaso ophase ngamalengiso

2019-01-16 06:00
ISITHOMBE : SithunyelweNqobile Nzimande.

ISITHOMBE : SithunyelweNqobile Nzimande.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDI waseTaylors Halt obenza umatikuletsheni uthi ukusebenza kanzima yikhona okumsizile ukuthi akwazi ukuphumelela ngamalengiso ezifundweni zakhe zakamatikuletsheni.

UNqobile Nzimande (16) obefunda e-St Paul John uhlomule o-A abayi-7 ezifundweni okubalwa kuzona i-Physical Science, Life Orientation, Economics, IsiZulu, English, Life Sciences kanye ne-Mathematics nathole u-100% kuyona.

Uphinde waphuma isibili kuzwelonke ezikoleni ezibizwa ngokuthi yi-Quintile 2.

Ekhuluma ne-Echo, uNqobile uthe ubengazitsheli ukuthi angaphumelela kahle kangaka. Uthe ngesikhathi efunda yena wayefundela ukuthi akwazi ukuthola imiphumela ezokwazi ukuthi imfake enyuvesi nje kuphela.

“ Ngisebenze kanzima nangokuzikhandla ukuthi ngize ngikwazi ukuthola le miphumela engiyitholile. Bengithi umangibona ukuthi into iyangihlula, ngiphumele ngaphandle ngihambe ngiyofuna usizo. Bengingafeli ngaphakathi,” kubeka yena.

UNqobile uthe ufuna ukuyokwenza izifundo ze-Actuarial Science eNyuvesi yaseKapa kanti usesitholile nesikhala kodwa inkinga akanayo imali yokukhokhela izifundo zakhe.

“Njengamanje awukho umfundaze engisawutholile kanti futhi nesicelo sami engesifaka esikhwameni soxhaso lwabafundi u-National Student Financial Aid System (Nsfas) besingakaphendulwa. Nginethemba lokuthi ngizokwazi ukuthi ngithole umfundaze okanye ngithole uxhaso ukuze ngizokwazi ukuqhuba izifundo zami,” kubeka yena.

Uqhube wathi kubalulekile kubafundi bakamatikuletsheni bakulo nyaka ukuthi bazimisele kusasuka bangalindi izivivinyo zokuphela konyaka.

“Uma uqale wazimisela wathola imiphumela emihle kusaqala unyaka bese wenza isiqiniseko sokuthi njalo uyakhula ekwenzeni kahle konke kuzohamba kahle. Ungazigqilazi kakhulu uma ufunda kodwa okubalulekile nje ukuthi ukwazi ukulawula isikhathi sakho kahle.”

Unina kaNqobile, uNkk Phumzile Nzimande uthe bajabula kakhulu ngemiphumela yendodakazi yabo kanti futhi bayaziqhenya ngayo.

“Usebenze kanzima. Uma esebheke incwadi ubenza isiqiniseko sokuthi akayibeki phansi engakayazi lento ayifundayo.Into nje esikhathaza kakhulu ukuthi asazi ukuthi uzoziqhuba ngani izifundo zakhe uma kungukuthi akawutholi umfundaze.

“Siyacela kunoma ubani ongakwazi ukuthi asize alekelele ngemali yokukhokhela izifundo zakhe ukuba alule isandla. Ngokwenza njalo uzobe engenzeli nje uNqobile okanye thina kuphela, kodwa uzobe enzela isizwe sonke ngoba uzofunda akhule alekelele isizwe,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.