Ucela uxhaso owelwa yindlu eZinketheni

2018-05-16 06:00
Igumbi elihlala uNkk Fikile Ndebele.IsTHOMBE: lETHIWE MAKHANYA

Igumbi elihlala uNkk Fikile Ndebele.IsTHOMBE: lETHIWE MAKHANYA

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waseZinketheni uthi esecabanga ukunikela ngengane yakhe kwabezenhlalakahle ngoba usekhathele ukuyibona ihlukumezeka ngenxa yenhlupheko abhekene nayo.

UNkk Fikile Ndebele (40) onendodakazi eneminyaka eyi-15 ubudala uthi ucelanoma ubani ongamsiza ukuthi abe nendawo yokufihla ikhanda njengoba indlu abahlala kuyo ingena imvula futhi isingawa noma yinini.

Elandisa i-Echo uthe ubephila ngokubamba amatoho ukuze bakwazi ukulala bedlile nendodakazi yakhe kodwa manje sekunzima nokuwathola lawomatoho njengoba esengumuntu ongakwazi ukusebenza ngenxa yokulimala.

“Ngingumuntu ongazange akhule kahle njengoba ngakhulela ekhaya lezintandane. Angifuni ukuthi ingane yami igcine isikhula ngendlela engikhule ngayo kodwa ngiyabona ukuthi kuzogcina lapho. Ayikho into engihlukumeza njengokubona ingane yami ikhula ngaphansi kwalesi simo esiphila kuso. Indlu esihlala kuyona yodaka iyigumbi elilodwa nalo liyawa liyanetha.

“Umakhelwane useze wangisiza wanginikeza useyili wokuthi ngimboze lapho okunetha khona kodwa ngiyabona ukuthi ukuhamba kwesikhathi lendlu izowa sihleli kuyona ngaphakathi,” kuchaza yena.

Uqhube wathi kuyimanje uhleli ekhaya akasebenzi baphila ngemali yesibonelelo sengane futhi ayenele.

“Ngonyaka owedlule ngathenga indawo yokwakha kanye nemabhuloksi okwakha angu-600 ngoba ngithi ngizama ukwakha indlu noma encane esizokwazi ukuthi sihlale kuyona nendodakazi yami, kodwa amandla aphelile engisazi ukuthi ngizokwenza njani. Kwangithatha iminyaka emithathu ukuthi ngikwazi ukuthenga lamabhuloksi njengoba ngangiqongelela amasenti. Uma nje ngingathola umuntu ongangixhasa noma angilekele ukuze ngikwazi ukuba nendawo yokuhlala esesimweni nengane yami.

“Angifuni ukuthi ngigcine senginikela ngengane yami kodwa uma kungukuthi angilutholi usizo kuzongiphoqa ukuthi ngigcine sengikwenzile ngoba sengikhathele ukuyibuka ikhula ngokuhlupheka.”

Uthe ingane yakhe ayisheshi ukufika ekhaya uma iphuma esikoleni, kuze kuphoqe ukuba ahambe ayoyilanda futhi usola ukuthi lokho kudalwa ukuthi ayifuni ukubhekana nesimo sokuhlupheka esisekhaya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.