Ucela uxhaso oyomela uMgungundlovu

2018-11-21 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweAmahle Sthole.

ISITHOMBE: sithunyelweAmahle Sthole.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZIME osemncane wase-Lincon Meade u-Amahle Sthole ungomunye wonobuhle abazolwela isicoco emncintiswanei wesifundazwe obizwa ngokuthi u-Miss KZN Heroines and Heroes 2018.

Lo mncintiswano oba minyaka yonke uzobanjelwa eCity Hall eThekwini ngoLwesihlanu mhla zingama-23 kuLwezi (November).

Ekhuluma ne-Echo u-Amahle nongumfundi ka-Grade 11 esiokoleni i-Alexandra High School uthe ukujabulele kakhulu ukuba kulo mncintiswano kanti futhi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukwenza isiqiniseko sokuthi ubuya naso lesi sicoco.

“Lo umncintiswano wami wokuqala omkhulu seloku ngiqalile ukumodela ngenyanga kaNhlangulana (June) kulonyanga. Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi ngimele indawo kanye nedolobha engiphuma kulona. Ukuba kowamanqamu nje kusho lukhulu kumina ngoba kuyakhombisa ukuthi idolobha lami liyangeseka. Ukuwina lo mncintiswano kungasiza kakhulu ngoba kuningi engingakwazi ukukwenza ukushintsha izimpilo zabanye abahlala eMgungungundlovu. Uma ngingawina ngizosebenza kanzima ukuthi ngikhuthaze intsha ngiphinde ngiyilekelele nagloko okuncane nami enginako,” kubeka yena.

Uqhube wathi ukwenza konke loku kube impumelelo udinmga usizo lwabantu abangamuxhasa nanoma ingani njengoba ezoya kulo mncintiswano.

“Ngenye yezinto ekudingeka uzenze ukuze ube sema thubeni amahle okuphumelela ukuthi uthole abantu okanye izinkampani ezizokuxhasa noma ingani kulo mncintiswano. Kungaba izimpahla zokugqoka engizozifaka ngesikhathi ngimodela, ukuthola umuntu ozongiphophotha ubuso, okanye ukuthengela abanye abalandeli bami amathikithi noma yini nje umuntu angakwazi ukuxhasa ngayo ngingayijabulela. Lokho kuzonginika amathuba angcono okuthi ngiphumelele ngibuye naso lesi sicoco ngenze idolobha lami liziqhenye ngami,” kubeka yena.

U-Amahle uphinde abe ngumsiki wengqephu ngesikhathi sakhe asitholatyo uma engekho esikoleni.

Uma ungathanda ukusiza u-Amahle ungashayela lenombolo : 073 425 6262 okanye 082 939 3417.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.