UCele ukhala ngokungafundiseki kwabantu ngokuvalwa kwezwe

2020-05-20 06:02
ISITHOMBE: Moeketsi MamaneUNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele ngesikhathi ehambele inxanxathela yezitolo i-Greater Edendale ngoMsombululo.

ISITHOMBE: Moeketsi MamaneUNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele ngesikhathi ehambele inxanxathela yezitolo i-Greater Edendale ngoMsombululo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuzwe lonke uMnu Bheki Cele uthi kuningi okusamele kwenziwe ukufundisa abantu basemalokishini aseMgungundlovu mayelana nokulandela imithetho kanye nemigomo yokuvalwa kwezwe okwesikhashana (national lockdown).

UMnu Cele ukuveze lokhu ngoMsombuluko mhla zili-11 kuNhlaba (May) ngesikhathi ekhuluma nabezindaba enxanxatheleni yezitolo i-Greater Edendale Mall.

UCele ubevakashele lenxanxathela yezitolo ukuzohlola ukuthi abantu bayayilandela yini imigomo yokuvalwa kwezwe yokuthi bafaka izimfonyo baphinde bagcine ibanga bengasondelani.

Uphinde wavakashela endaweni yaseDambuza nalapho efike wakhala khona ngokuthi abantu abaningi basahluleka ukulandela imithetho kanye nemigomo.

“Ezitolo ngijabulile ngibonile ukuthi izimenenja ziyaqinisekisa ukuthi abantu balandela imigomo. Kodwa uma uphumela ngaphandle ezindaweni zasemalokishini umhlola. Ngihambile ngaya endaweni yakaDambuza ngafika ngawubona umhlola. Kungazuthi abakaze bezwe ezimpilweni zabo ukuthi kukhona into ekuthiwa izimfonyo, kukhona into yokuthi abangasondelani kanye nokuwasha izandla[ngesibulali magciwane]. Sidinga imfundiso enkulu kulezi zindawo ukuthi bafundiswe bazi ukuthi lezi zinto ziwumthetho. Lezi zinto aziwona umthetho kakhulu kodwa ziwumphumela wokuthi kumele uphile ukuze abaseduze baphile nesizwe siphile ngoba leligciwane liyabulala.

“Esikwaziyo nokuyiqiniso ukuthi asikakaboni lutho l pha eNingizimu Africa imanxa kuza ukufa. Uma ubuka izwe laseMelika kushona abantu abangu-2000 ngosuku olulodwa okusho ukuthi izikhathi ezinzima ziseza. Siyacela ukuthi abantu sibambisane ukuze sizokwazi ukuvika zingafiki kanye kanye lezo zikhathi ezinzima ezizayo,” kubeka yena.

Ebuzwa ngendaba yokuvulwa kwezindawo ezidayisa utshwala, uMnu Cele uthe akanayo impendulo eqondile ukuthi zingahle zivulwe nini.

“Akukho lutho engizokusho ngaloko kodwa ikomidi limatasa lidingida udaba esigabeni sika level 3 siyathemba ukuthi sizodingida sithole ulwazi kongoti. Kodwa angikwazi ukusho ukuthi zizovulwa nini izitolo zotshwala ngoba anginayo impendulo kodwa isikhathi sona siyeza ukuthi zivulwe,” usho kanje.

UMgungundlovu unabantu abangama-64 kuphela abahaqwe igciwane le-coronavirus kanti akukho muntu osashonile. Le ndawo ingeyesithatu esifundazweni ehamba phambili ngesibalo sabantu abanaleli gciwane.

UMnu Cele uveze ukuthi ayi-253 amaphoyisa asetholakale ukuthi nawo asetheleleke ngaleli gciwane kuzwelonke kanti akukho nelilodwa elaseMgungundlovu elisathelelekile. Amaphoyisa angu-184 kulawa athelelekile angawasesifundazweni sase-Western Cape.

Uthe ukudayiswa kogwayi kanye notshwala ngokungekho emthethweni kubanikeza inkinga kodwa wathi lena akusiyona inkinga yamanje inkinga yakudala.

Uthe amaphoyisa asenze umsebenzi oncomekayo emacaleni okudayiswa kotshwala ngokungekho emthethweni.

“Ngaphansi kwesigaba sika-level 5 besinamacala ali-10 kuphela amayelana notshwala kodwa manje esigabeni sika-4 isibalo sinyukile. Sesibophe abantu abangama-50 ngokudayisa utshwala saphinda sabopha abangama-20 ngokusabalalisa utshwala okusho ukuthi izibalo ziyanda.

“Siyathemba ukuthi uma ngabe sekuvulwa ukudayiswa kotshwala kuzonciphisa ukudayiswa kotshwala ngokungekho emthethweni.

“Ngisho utshwala obenziwe emakhaya isibalo sabo siyenyuka kanti futhi kunabantu esesibabophile ngaloko.

Kodwa into esingeke siyenze njengohulumeni ukuthi ngoba naku abantu benza ubugebengu bokudayisa ngokungekho emthethweni utshwala kanye nogwayi manje sekumele sikuvule loko ngaleso sizathu. Ngeke siphushwe ubugebengu ukushintsha imigomo yethu. Isikhathi sizofika okwamanje sisajabulela ukwehla kwezibalo zobugebengu ngenxa yokungatholakali kotshwala.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.