UCele uvuma eyokushoda kwamaphoyisa

2019-04-17 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele ekhuluma namalunga omphakathi eCaluza ngoLwesibili.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele ekhuluma namalunga omphakathi eCaluza ngoLwesibili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuzwelonke uMnu Bheki Cele uvumile ukuthi kunenkinga yokushoda kwamaphoyisa kanye nezimoto eziteshini zamaphoyisa zaseMgungundlovu.

UCele uveze lokhu ngoLwesibili mhla ziyi-9 kuMbasa (April) ezinkundleni zemidlalo eCaluza kwiMbizo lapho kade ehlangene khona namalunga omphakathi ukuzolalela izikhalazo zawo ezithinta ubugebengu.

UCele ubehambisana noNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mxolisi Kaunda.

Amalunga omphakathi amaningi akhale ngenkinga yokuthi amaphoyisa awafiki ngesikhathi njalo uma ngabe ebiziwe uma ngabe ebuzwa akhala ngokuthi izimoto ziyashoda azikho.Amanye akhale ngeziteshi zamaphoyisa ezingawenzi kahle umsebenzi okubalwa kuzona iPlessislaer kanye nesiteshi samaphoyisa esiseThornville.

UCele uvumile ukuthi ayashoda amaphoyisa eziteshini wathi nabo njengamaphoyisa bayazi ngoba umkhuzi wamaphoyisa esifundaweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi kanye nowaseMgungundlovu besebebatshelile ukuthi amaphoyisa nezimoto kuyashoda.

“Sizwile futhi nokuthi kunezitshi enikhala ngazo ukuthi aziwenzi umsebenzi. Into engingayithandi eniyishoyo ukuthi nithi amaphoyisa awasebenzi. Akusiwona wonke amaphoyisa angasebenzi. Kumele nithi amanye amaphoyisa awasebenzi ayi wonke. Sinawo amaphoyisa alungile kanti futhi sinawo angalungile.

“Into esizoyenza ngalezi ziteshi enikhala ngazo ukuthi aziwenzi umsebenzi ukuthi sizothumela abantu abazozozihlola ukuze bezosinikeza imininingwane egcwele ngazo. Sizophinde sithumele ithimba elizozobheka ukuthi lezi ziteshi zidingani okanye zishoda ngani ezintweni ezifana namaphoyisa kanye nezimoto, nokuthi zidinga usizo olungakanani,” kubeka yena.

UCele uthe bazobheka nokuthi angeke yini baze bakwazi ukwenza iziteshi zamaphoyisa ezincane emiphakathi ukuze imiphakathi ingeke ize idinge ukuthi ihambe amabanga amade ngaphambi kokuba ufike eziteshini zamaphoyisa ezinkulu. Uthe leli thimba lizofika engakapheli amasonto amabili.

Uphinde wakhala ngezinga lokubulalana eliphezulu eMgungundlovu. Uveze ukuthi indawo yakaDambuza iyona ndawo egcwele izigebengu eziningi ilandelwe indawo yakaMpumuza.

Uthe bazozivakashela lezi zindawo kanti uma sebefikile angeke baze bafike emini bayofika ezintathakusa.

“Aninawo umusa nina niyabuyalalana kulezi zindawo ezingaphansi kweziteshi zethu okubalwa kuzona iPlessislaer kanye nezinye ngokulandelana.Angazi ukuthi kungani nibulalana kangaka,” kubeka yena.

Unxuse umphakathi ukuba unikeze amaphoyisa isikhathi sokuba asebenze ikakhulukazi esiFundeni saseMgungundlovu, Mzimkhulu kanye naseThekwini.

“Le ndawo ingcolile sifuna ukuyihlanza. Nisidlulisele umyalezo wokuthi sifuna ukuyekwa sisebenze. Akukho muntu ozobulawa bese kuvele kuyathuleka nje. Asinandaba ukuthi uyini okanye uzalwa ubani. Asikakafiki lapho siya khona kodwa siyeza. Labo abasacabanga ukubulala abantu abayeke ngoba sizobabopha.”

UCele uphinde waxwayisa labo abanobudlelwano bezothando namaphoyisa ukuba bayeke ukungcebeleka ngezimoto zamaphoyisa ngoba baphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

“Ngizwile ukuthi nikhala ngokuthi izimoto zamaphoyisa lezi ezincane ezikhona kujolwa ngazo.Mantombazane yekani ukujola ngezimoto zamaphoyisa ngoba ekugcineni inina futhi enizobuya nizokhononda ngokuthi izimoto azikho.Akukho zimoto zamaphoyisa esifuna ukuma sime ngaphansi kwezihlahla siphinde sizibone zihambisela omaweni ukudla kade niyothenga ngazo. Ngesikhathi nenza njalo kuyaphazamiseka ukusebenza esiteshini. Yekani izimoto zenze umsebenzi wazo,” kubeka yena.

UMnu Kaunda ukhale ngamaphoyisa asebenzisana nezigebengu. Uthe amaphoyisa enza lokhu afanele ukukhishwa emkhakheni wokuba ngamaphoyisa.

“Umphakthi iwona okumele ulekelele amaphoyisa ukukhipha lawo maphoyisa ngoba awakufanele ukuba semaphoyiseni kodwa afanelwe ukuba le kude ezigebengwini ezinye. Abantu abanjalo abasiwona amaphoyisa kodwa bayizigebengu ezicashe ngomfaniswano wamaphoyisa,” kubeka yena.

UKaunda uphinde wakhala ngezibhamu ezigcwele eMgungundlovu.

“Kule ndawo kunezibhamu zangampela ayi izibhamu ezincane. Siyafisa ukubona umkhankaso wokulandwa kwazo lezi zibhamu uqhubeka kanti umangabe sezilandwa angeke kuze kube mnandi,”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.