UChofy uzokhipha ingoma entsha

2019-02-27 06:00
ISITHOMBE:sithunyelweUNks Smangele Mbatha nowaziwa ngelika ‘Dj Chofy’.

ISITHOMBE:sithunyelweUNks Smangele Mbatha nowaziwa ngelika ‘Dj Chofy’.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMKLWEBHI wamapuleti wesifazane uNkz Smangele Mbatha owaziwa ngelika-Dj Chofy, uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokuthi akhiphe ingoma entsha nathi unethemba lokuthi izoshisa izikhotha.

UDJ Chofy, ohlala e-Pelham, uthe usuku lwakhe lokuzalwa umhla zingama-26 kuNdasa (March) kodwa ingoma yakhe uzoyikhipha kunguLwesihlanu mhla zingama-29 kuNdasa (March).

Isihloko sengoma yakhe sithi Ishampompo (champagne) kanti uzobe ehambisana noSamke owayecula kwenye yezingoma zakhe eseyidlala kumabonakude esihloko esithi Asiyindawo.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uDJ Chofy uthe uzizwa ejabulile kakhulu ngale ngoma ikakhulukazi ngoba izophuma emuva kwenyanga eyodwa nje kuqale ukudlala ingoma yakhe ethi Asiyindawo kwi-Channel O (channel 320) kanye ne-MTV Base (channel 322) kwi-DStv.

“Le ngoma ikhuluma ikakhulukazi ngala bantu abahamba baye ezindaweni zobumnandi bebe bazi kahle kodwa ukuthi abanayo imali yokuthenga bese bafune ukufika bachuthe abanye abantu.

“Uma ngabe umuntu ezikhiphile eye endaweni yobumnandi okanye ehambe nabangani bakhe into asuke eyifuna ukuthi ayophumula ajabule nabangani bakhe ayi ukuthi achuthwe abantu abasuke emakhaya bezazi ukuthi abanamali vele. Uma ungenamali nje yokuzijabulisa kubalulekile ukuthi uvele uhlale ekhaya ungayi ukuyohlupha abanye abantu abafuna ukuzijabulisa,” kubeka yena.

Uqhube wathi kumthathe usuku olulodwa kuphela nje ukuthi abhale le ngoma kanti usejahe kakhulu ukuthi abantu bayizwe.

“Nginethemba lokuthi abantu bazoyijabulela kakhulu ngoba iyashisa yona. Ngemuva kokuba sengiyikhiphile le ngoma ngizobe sengihambela ezindaweni ezehlukene ngikhangisa ngayo nokuzobe kuyinto yokuqala engizobe ngiyenza seloku ngaqala ukukhipha izingoma zami,” kubeka yena.

UDJ Chofy uthe ingoma yakhe izotholakala online.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.