Udedelwe ngebheyili osolwa ngokubulala

2018-07-18 06:00

UDEDELWE ngebheyili owesilisa osolwa ngokudubula abulale owesilisa wokufika edolobheni eMgungundlovu ngoba emusola ngokumudayisela i-CD engadlali.

UMnuz Bheki Johannes Mkhize ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesibili mhla zili-10 kuNtuklikazi (July) ngecala lokudubula abulale uMnuz James Dawood emgwaqeni u-Ritief Street enkabeni yedolobha eMgungundlovu.

UMnuz Mkhize obemelwe uMnuz Phumlani Fakude udedelwe ngebheyili ka-R1 000.

Lesi sigameko senzeka mhla ziyi-8 kuNhlangulana (June) kodwa umsolwa uze wanikelwa emaphoyiseni wummeli wakhe ngoLwesithathu olwedlule mhla ziyi-4 kuNtulikazi (July).

Umsolwa kuthiwa wathenga i-CD emgwaqeni edayiselwa uMnuz Dawood nokwathi uma efika emotweni yakhe wathola ukuthi ayidlali.

Wazama ukuyibuyisela kuMnuz Dawood kodwa umufi wamutshela ukuthi akabuye ngehora lesibili emini azolanda imali yakhe.

Kuthiwa ngesikhathi esebuya umsolwa wafika kuMnuz Dawood njengo kwesivumelwano kodwa uMnuz Dawood wamshaya indiva umsolwa wanqaba ukumbuyisela imali engu-R20 ayethenge ngayo.

Umsolwa kuthiwa wayephethe isibhamu ngesikhathi kwenzeka konke lokhu.

Ngokusho kukamsolwa, ekhulunyelwa ummeli wakhe uMnuz Fakude, uthi uMnuz Dawood wazama ukukhipha into umsolwa ayezitshela ukuthi isibhamu nokwaholela ekutheni adubule kuqala.

Icala lihlehliselwe mhla zili-16 kuNtulikazi (July).

Uphenyo luyaqhubeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.