Udedelwe ngebheyili umsolwa kwela-Manjoo

2018-07-25 06:00

OWESILISA wasendaweni yaseGrange osolwa ngecala lokubulala engxabanweni okusolwa ukuthi eyokushayelisana kabi emgwaqeni (road rage) udedelwe ngebheyili yemali engu-R5 000.

UMnu Bongani Mncwabe (30) ubevele eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-13 kuNtulikazi (July) nalapho kade ezofaka khona isicelo sakhe sebheyili.

Imibandela yebheyili kamsolwa ukuthi abike esiteshini samaphoyisa kanye ngesonto, angaphumeli ngaphandle kwaseMgungundlovu ngaphandle kokuba azise umphenyi wecala kanti futhi angagxambukeli nofakazi bombuso.

Umsolwa ubesechithe amasonto amabili ebhadle esitokisini ngecala lokubulala uMnu Farhaad Manjoo kanye nelokuzama ukubulala uMnu Rajesh Aumsedew.

UMmeli kamsolwa uMnu Phumalani Fakude uthe uvese ukuthi unobufakazi obusha obuqanda ekhanda be-video eyaqoshwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. UMnu Fakude uthe umsolwa wayezivikela ngesikhathi edubula amahlandla amabili, inhlamvu eyodwa yashaya uMnu Manjoo washona enye yashaya uMnu Aumsedew walimala kanzima.

Lesi sigameko senzeka mhla zingama-30 kuNhlangulana (June) ekhoneni lomgwaqo u-Pietermaritz Street kanye no-Pieter Kerchoff Street eMgungundlovu.

UMnu Mncwabe kusolwa ukuthi wadubula wabulala uMnu Manjoo wabe eselimaza noMnu Aumsedew ngesikhathi kunengxabano yokushayelisana kabi.

Ummeli kamsolwa uveze ukuthi umsolwa uyakuphika ukuthi wadubula ngoba kwakunengxabano kodwa wathi wadubula ngoba ayezitshela ukuthi udunwa imoto yakhe.

Icala lihlehliselwe umhla zili-15 kuNcwaba (August). Uphenyo luyaqhubeka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.