Udedelwe ngesexwayiso unogada waseMsunduzi

2018-10-17 06:03

UDEDELWE ngesexwayiso unogada kaSomlomo womasipala uMsunduzi uNkk Jabu Ngubo.

UJabulani Mngoma (34) wasendaweni yaseSmero ubevele nkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuMfumfu (October) ngecala lokubulala uMnu Nathi Hlongwa owayenguSihlalo wegantsha kwinhlangano i-African National Congress.

UMnu Hlongwa wadutshulwa wabulawa ngentulwane yezinhlamvu ngonyaka wezi-2016 endaweni yaseMbali.

Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu olwedlule mhla zi-5 kuMfumfu (October) ngoba esolwa ngokubulala uMnu Nathi Hlongwa.

Ngesikhathi umsolwa efaka isicelo sebeheyili ngomlomo kammeli wakhe, uMnu Simphiwe Mlotshwa, lowo omele umbuso u-Adv Patti Davids uveze ukuthi umbuso awuphikisani nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili kwazise icala lombuso aliqinile njengoba kungacaci ukuthi yini ehlanganisa umsolwa naleli cala.

Umphenyi waleli cala u-Sergeant Sindisiwe Khumalo naye uthe akaphikisani nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili okanye ngesexwayiso.uKhumalo uveze ukuthi ubufakazi obuhlanganisa umsolwa necala ilobo ababutshelwe ufakazi wombuso nothi naye waxoxelwa omunye othi waxoxelwa umsolwa ukuthi uyena owabulala uMnu Hlongwa. Encwadini efungelwe kamsolwa nekade ecela ngayo ibheyili uveze ukuthi uwumsebenzi kamasipala onenkontileka yeminyaka emihlanu, akanawo amacala awahambayo okanye ake amulahla ngaphambilini, unomndeni kanye nengane eneminyaka eli-10, uyena owondlayo ekhaya, unesifo senhliziyo nokulimala onyaweni okudinga ukuba ahleli eyobona udokotela njalo, kanye nokuthi akabazi ofakazi bakuleli cala futhi ngeke aze abaphazamise. Uveze ukuthi uma sekufika isikhathi sokuba kuqulwe leli cala uzoliphika. Uveze ukuthi ngosuku aboshwa ngalo wafonelwa amaphoyisa athi akeze endaweni yase Henley ngoba afuna ukumphonsa imibuzo. Uthe wahamba waya kuwona wakhuluma nawo aqede amudedela wahamba.Uthe wathi uma esendleleni ebheke edolobheni emgwaqei u-Edendale Road ngasenkampanini u-Hulamin wabe esevinjwa amanye futhi amaphoyisa amutshela ukuthi ayamubopha ngecala lokubulala uMnu Hlongwa. Uthe akazange aphikisane nawo kodwa wavuma loko ayekusho. Ummeli wakhe uphinde waveza ukuba umsolwa ubebekwe amacalz cishe ayisithupha okanye ngaphezulu gesikhathi kufika idokodo enkantolo kodwa umphenyi wecala wathi yena akawazi amanye amacala kodwa wazi elokubulala kuphela. Imantshi u-Adv Vincent Mncanyane uthe leli cala lintekenteke kanti futhi aliwenzi umqondo.

Ube esekhipha isinqumo sokuthi umsolwa adedelwe ngesexwayiso ngaphansi kwemibandela ethi kumele ahleli eza enkantolo ukuze kube liyaphothulwa leli cala. Libe selihlehlela umla ziyi-8 kuLwezi (November) ukuze kuqhutshwe uphenyo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.