Udidekile ngendaba yendlu yomxhaso

2017-10-25 06:02
Isithombe: Makhosandile ZuluUNkk Monco Ntombela

Isithombe: Makhosandile ZuluUNkk Monco Ntombela

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UDABA lwendlu yomxhaso kahulumeni eyakhelwe yena kodwa ekwenye indawo futhi ehlala abanye abantu limushiye edidekile uNkk Monco Ntombela wakwaZayeka eSweetwaters.

Uthe into emxakayo ukuthi ubengakaze athole umbiko wokuthi indlu seyakhiwe, yakhelwe kuphi nendawo nokuthi kumele ezongena kuyona noma umbiko wokuthi kumele kwenziwe isivumelwano phakathi kwakhe nabantu abahlali kulendlu uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu othi eyakhe.

“Asikho isivumelwano esenziwa nami kanti nabantu abahlala kulendlu umnyango ongitshela ukuthi eyami angibazi nabo abangazi,” kusho uNkk Ntombela. Uthe uzewathola ngonyaka odlule ukuthi kunendlu eyakhiwe kanti esegameni lakhe emuva kokulinda iminyaka ukuthi akhelwe indlu. UNkk Ntombela uthe eminyakeni eyedlule wafaka isicelo sokwakhelwa indlu yomxhaso kahulumeni esagunyazwa kodwa wahlala isikhathi eside kungekho okwenzekalayo ngokwakhiwa kwendlu. Uthe isicelo wasifaka kwaze kwaba kathathu kodwa kungekho indlu akhelwa yona.

“Ngonyaka odlule kufike isisebenzi sakwahulumeni sizobheka ukuthi ngabe bonke abantu basendaweni ababefake izicelo zezindlu sebakhelwa zona na. Isisebenzi lesi sithe uma sibhekela mina sisebenzisa inombolo yami kamazisi sathola ukuthi ikhona indlu eyakhelwe mina sasesithi angiye kuMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu edolobheni ukuze ngizothola imininingwane ngayo indlu le,” kusho yena.

Uqhube wathi emnyangweni wathola ukuthi kuyiqiniso ukuthi kukhona indlu akhelwe yona enenombolo yayo kodwa into eyindida kakhulu kuyena ukuthi ubengazi lutho ngayo indlu le. Uthe emnyangweni uthole ukuthi indlu yakhelwe e-Imbali kwa BB kanti ngokwemininingwane esemnyangweni lendlu isegameni lakhe. “Ngake ngazama ukuthola usizo kubaholi bomphakathi wendawo okwakhelwe khona indlu kodwa ngangathola muntu owakwazi ukungisiza babelokhu bethi angibuye ngesinye isikhathi ngagcina nami sengidikibele,” kusho uNkk Ntombela.

Uthe wagcina ezizamela ngendlela yakhe ukuthola ukuthi ngabe la izisebenzi zomnyango ezathi kwakhiwe khona indlu esegameni lakhe kungakuphi.

“Ngangifuna ukuthola ukuthi le nombolo yendlu kanye nayo indlu ngabe ngempela kukhona yini. Kodwa ngenkathi ngifika khona angingena ngaphakathi kodwa ngayibona indlu, yize ngingababonanga abantu abahlala khona kodwa zikhona izimpawu ezazitshengisa ukuthi kukhona abahlala ngaphakathi,” kusho yena.

Into ekhathaza uNkk Ntombela kakhulu ukuthi lendlu ahlala kuyona kumanje endaweni yakwaZayeka ayikho esimeni esihle njengoba inezindonga eziqhekekile kanti usaba ukuthi uma kungaba khona umoya ovunguza ngamandla noma izimvula ingavele ibhidlike. “Mina into esengiyifisa manje ukuthi ngakhelwe indlu la engihlezi khona kuyobe kuphelile ngobe nginenkinga yokuthi lendlu esihlala kuyona iyangiwela manje, njengoba kunetha nje ingangimbhoza nezingane noma yinini lendlu,” kusho yena.

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ubungakayiphenduli imibuzo othunyelwe yona mayelana naloludaba ngesikhathi sokushicelela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.