UDJ Chofy ukhuthaza o-DJ besifazane

2018-10-24 06:01
Smangele Mbatha owaziwa ngo-Dj Chofy.ISITHOMBE: sithunyelwe

Smangele Mbatha owaziwa ngo-Dj Chofy.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMUKWEBHI wamapuleti uNks Smangele Mbatha nowaziwa ngelika DJ Chofy uthi kubalulekile ukuthi o-deejay (DJ) abancane abasafufusa babambelele kumaphupho abo noma kunzima kangakanani.

UNks Mbatha (26) ohlala e-Pelham kodwa ongowokuzalwa oLundi uthi into ebalulekile endimeni yezomculo ukusebenza kanzima nokuzazi ukuthi ufunani futhi ungazenzi into ongeyona.

U-DJ Chofy udume kakhulu ngengoma yakhe ethi Asiyindawo kanti uzoyethula ngokusemthethweni mhla zingama-26 kuMfumfu (October) eCubana Lounge.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo u-DJ Chofy uveze ukuthi waqala ukukwebha amapuleti ngonyaka wezi-2010. Uthe lokhu kuza ngemuva kokuba ayechitha isikhathi esiningi nabafana bangakubo ababengo-DJ. Uthe wayehleli ebabuka uma ngabe bese-studio bekwebha amapuleti ngesikhathi efunda umatikuletsheni ngonyaka wezi-2009.

“Kwathi ngelinye ilanga omunye umfana wathi ake ngizame nami ngibone ukuthi kuzokwenzeka njani. Kusuka lapho ke angiphindanga ngabheka emuva. Ngaqhubeka ngiloku ngifunda kwaze kwaba ngithola umsebenzi wami wokuqala ngonyaka ka-2010. Kusukela lapho ngavele ngazi ukuthi ngizoba u-DJ ngoba vele ngakhula ngiwuthanda umculo,” kubeka yena.

Uthe ngaphambi kokuba aqale ukungena shiqi kwezomculo ngonyaka wezi-2009 wazama ukutshela abazali bakhe ukuthi uma ngabe eseqede umatikuletsheni ufuna ukwenza izifundo zomculo kodwa bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke aze akwazi ukukwenza loko.

Uthe into eyayenza loko ingoba abazali bakhe bangabantu basemakhaya kanti futhi abaziqondi izinto eziningi zesimanjemanje nokwagcina sekumuholela ekutheni enze izifundo ze-Management Assistant.

Uthe nakuba ezenzile lezi zifundo waze waziphothula waphasa, uthando lwakhe lokuqala yena lusemculweni.

“Umculo ngiwuthatha njengomsebenzi wami mina ngoba iyona into engiyithandayo kakhulu nengikhule ngivele ngifuna ukuyenza.”

UNks Mbatha uthe ukugqama kwakhe nokwaziwa kwakhe ebantwini kwaqala ngonyaka wezi-2012 ngesikhathi ebizwe ukuba ayodlala emsakazweni Ukhozi FM.

Uthe ukuze akwazi ukuthola leli thuba ingoba wezwa kuthiwa Okhozini bafuna umuntu wesifazane ozozokwebha amapuleti ebusuku.

“Ngathumelela uDJ Mngadi umyalezo ezinkundleni zokuxhumana ngimtshela ukuthi ngikhona ngingakujabulela ukuza ngizoba ingxenye yohlelo kodwa wangitshela ukuthi kukhona umuntu asebemtholile kodwa ngingeza ngesonto elilandelayo nokwagcina kwenzekile.Ngesikhathi ngiya kulolu hlelo ngangazi ukuthi kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngiyayazi into engiyenzayo njengoba kwakuyilona thuba lami lokuthi ngaziwe izwe lonke.”

UNks Mbatha usekhiphe izingoma ezintathu seloku engenile endimeni yezomculo. Ingoma yakhe yokuqala wayikhipha ngonyaka wezi-2016 ithi Nyan Nyan waphinde wangenela ngayo umncintiswano wo-DJ ku-SABC1 i-1s and 2s, eyesibili iphume ngonyaka owedlule kanti isihloko sayo besithi Konakele bese kube Asiyindawo. Ube eseyala nabanye o-dj abasakhula ukuba bangawayekeleli amaphupho abo .

“Landela amaphupho akho ngisho kuthiwa sekunjani. Kumele uzimisele ngento oyenzayo ungabamoneli abanye abantu uma ubabona bephumelela ngoba nawe siyeza esakho isikhathi. Uma kungukuthi uyabona ukuthi wena kuyakulungela uyaphumelela siza phela abanye abantu. Akuve kubuhlungu ukubona singabantu besifazane singasizani..

“Enye into engifuna ukuyidlulisa abahleli bemicimbi ukuthi bayeke ukudlala ngathi kanye na baculi abanye abasafufusa uma besibizile emcimbini basikhokhele amakinati. Siyazi ukuthi basuke besinikeza ithuba lokuthi sisiziveze kodwa ekugcineni abantu abafukuza kakhulu bejabulisa izihlwele ithina.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.