UDJ Cool nengoma entsha

2019-04-24 06:02
UDJ Cool (kwesobunxele) noZakwe Lool abazokhipha ingoma.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UDJ Cool (kwesobunxele) noZakwe Lool abazokhipha ingoma.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMUKLWEBHI wamapuleti waseMbutshane eSweetwaters uzokwethula ngokusemthethweni ingoma yakhe esihloko sithi Aliphakame Izulu.

UDJ Cool, ogama lakhe langampela nguSphamandla Buthelezi, uthe kule ngoma usebenzisane noZakwe Lool, Madida noMadizah kanye noMsaimoney.

Ekhuluma ne-Echo uthe le ngoma ihlanganisa i-kwaito nomculo wokholo kanti izokwethulwa mhla zingama-27 kuMbasa (April) eKhawula’s Lounge and Night Club. Uthe into eyenza ukuthi enze ingoma efana nalena yingoba ubefuna ukwenza into eyehlukile ezojabulisa abantu.

“Inhloso yale ngoma wukuthi ikhuthaze abantu ukuthi bangalahli ithenba ezintweni eziningi. Sinethemba lokuthi abantu bazoyijabulela kakhulu ngoba siyenzele bona kanti sifuna ukuthi ibajabulise,” kubeka yena.

Uthe isifiso sakhe ukuthi le ngoma igcine isidlala eziteshini ezinkulu zikamabonakude.

“Ngemuva kokuba siyethullile le ngoma sizobe sesishutha i-music video yayo ukuze sizokukhipha ngesikhathi esisodwa emuva kwamasonto amabili siyethulile emphakathini le ngoma,”kubeka yena.

UDJ Cool uthe waqala ukuba ngumuklwebhi wamapuleti kusuka ngonyaka wezi-2015. Uthe into eyamenza ukuba akhethe lo mkhakha yingoba uyathanda ukujabulisa abantu kanti futhi uyawuthanda umculo.

“Ngesikhathi ngikhula ngangifuna ukuba udokotela ngashintsha ngemuva kokuba ngingeniswe esibhedlela ngibona abantu abagulayo. Ngabona ukuthi akusiwona umkhakha wami lowo ngoba mina ngifuna ukubona abantu behlezi bejabulile ngaso sonke isikhathi.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.