Udubule ingoduso wazidubula naye

2018-07-11 06:02

IMINDENI emibili ebekumele ilungiselele umshado igcine isilungiselela imingcwabo emibili emva kokuba lowo obezoba umkhwenyana edubule wabulala ingoduso yakhe waqede wazidubula naye.

Lesi sigameko esishiye abantu abaningi bebambe ongezansi senzeke ngeSonto ekuseni endaweni yaseMaswazini.

UNks Londi Bhengu wase-Taylors eDepho yamabhasi udutshulwe wabulawa yilowo obezoba umkhwenyana wakhe uMnuz Nxele wabe esebhekisa isibhamu kuyena wazidubula bashonela khona lapho bobabili.

UNks Bhengu noMnuz Nxele bebematasa belungiselela umshado wabo njengoba besekwenziwe wonke amalungiselelo sekusele ukuba kuqokwe usuku lomshado.

Ngokuthola kwe-Echo ngelinye ilungu lo mndeni elizichaze njengomamncane kaNks Bhengu uthe nabo bengumndeni abakabi nalo ulwazi olugcwele lokuthi kungabe yini egcine eholele ekutheni kugcine sekwenzeke lesi sigameko.

Uthe: “Into esiyaziyo wukuthi uLondi ubehambile eye KwaMafunze emcimbini njengoba kade engumuntu osina ingoma.

“Kuthiwa ufonelwe umyeni wakhe emtshela ukuthi abahlangane kaZinqamu amulethele ubuhlalu bakhe. Ngemuva kwalokho asazi ukuthi kwenzekeni baxoxe bathini ngoba bagcine ngokuhamba beya kubokamkhwenyana eMaswazini nokuyilapho bephelele khona. Nathi sisadidekile asinalo ulwazi lokuthi kungabe yini eholele ekutheni kuze kwenzeke lokhu okwenzekile,” kuchaza yena.

Omakhelwane baNks Bhengu nabo bathi basashaqekile ngalesi sigameko.

Omunye umakhelwane okhulume ne-Echo ongathanda ukudalulwa igama uthe babuhlungu kakhulu ngento eyehlele uNks Bhengu nomndeni wakhe.

“Laba bantwana bebengeve bethandana into yabo ibiza kahle konke kuhamba kahle namanje sisadidekile ukuthi kungabe konakelephi, yini lena ebingaze iholele ekutheni kuze kwenzeke lesi sigameko?.

“Laba bantu bese bezoshada sekuqaliwe nokuthengwa izimpahla ezilungiselela umshado.

“ULondi ubaziwa nje ukuthi uyingane ezilungele engumuntu ophansi futhi ehlonipha. Sibuhlungu sonke kakhulu nje ngalento eyenzekile.

“Umndeni wakhe bekumele engabe uyaqhubeka ulungiselela umshado kodwa manje sekumele ulungiselele umngcwabo wakhe,” kubeka umkhelwane obebukeka ekhathazekile nasebusweni.

Uqhube wathi okubuhlungu kakhulu ngisho bekungathiwa uNks bhengu kukhona into emuphethe kabi ubengeke aze ayikhulume kwazise ubehleli ezithulela.

Umndeni kaMnuz Nxele wona awuthandanga ukuphawula ngalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala likaNks Bhengu base bevula nedokodo ngokushona kukaMnuz Nxele.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.