Ufisa ukugqugquzela intsha ngomculo wakhe

2017-08-23 06:00
Isithombe:SithunyelweUmculi osafufusayo wase Boston uSbusiso Mahlase ozibiza ngoNyanga uthi ufisa ukugqugquzela intsha ngomculo wakhe.

Isithombe:SithunyelweUmculi osafufusayo wase Boston uSbusiso Mahlase ozibiza ngoNyanga uthi ufisa ukugqugquzela intsha ngomculo wakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“Ngizimisele ngokuba isibonelo ngakithi kwazise abantu abasha bangakithi bayeka isikole bayosebenza emapulazini ngenxa yokwswela ulwazi.”
Lawa ngamazwi kaSbusiso Mahlase wase Boston ongumculi osafufusayo kepha onesifiso sokuthi ngelinye ilanga umculo wakhe uzogqugquzela intsha yasendaweni yangakubo.
UMahlase uthe uhlobo lomculo alenzayo i-deep house kanye negqom kodwa inhlobo yomculo awukhiqizayo inhlobo equkethe imiyalezo engakhulisa intsha kodwa ibe ibathokozisa ngokufanelekile.
Uthe: “Ngiyathanda ukwenza into ezothokozisa abantu ngiphinde ngidlulise imiyalezo eyakhayo ngomculo wami kubantu,” kusho uMahlase.
Uqhube wathi igama lakhe lasesiteji uNyanga okuyigama alethiwa esafunda isikole.
“Babethanda ukungibiza ngalo ngoba umkhulu phela wayeyinga kodwa ngithe sengithatha isinqumo sokwenza umculo ngathi angizibize ngalo leligama ngoba ngomculo wami ngifuna ukulapha imiphefumulo yabantu,” kusho uNyanga.
Lensizwa ithe isinesikhathi eside impela izama ukuzikhandela igama kulomkhakha womculo kodwa enye yezinqinamba abekade ehlangabezana nazo ukuthi uzinze endaweni esemapulazini eqhelelene namadolobha lapho khona amathuba emaningi kuhle kwezihlabathi zolwandle.
“Kade ngaqala umculo ngingasizakali kwazise ngihlala emapulazini. Ngize ngasizwa omunye umngani wami wase Elandskop owangifundisa ukukhanda umculo ngekhompyutha usebenzisa i-Fruity Loops Studio, igama lakhe uSkhumbuzo Behara,” kusho uMahlase.
Uthe emuva kwalokho esekwazi ukuzihlanganisela umculo ngekhompyutha ube eseqala ethenga eyakhe ikhompyutha ukuze ezoqhubeka nokucijisa ikhono lakhe.
Uthe: “Yingakho sengize ngabhalisa inkampani yami yomculo ebizwa ngeMashisela Productions,” kusho yena.
UNyanga uthe njengoba esebhalise inkampani yakhe kukhona ingoma ayiqophile wayikhipha ngaphansi kwenkampani yakhe engathokozelwa umphakathi ngokuthi beye kwikhasi lakhe laku Facebook elithi Mashisela Productions okanye Nyanga Music ukuze bezozitholela yona mahhala.
“Kulengoma engizoyikhipha ngisebenze noTreezyMc kanti kwi-remix ngisebenze noSbucardo da Dj oke wasebenza nomaDanon kwingoma eyayithi Thana Hhosh noBhiza wodumo,” kusho uNyanga.
Ngokusho kwakhe lomculi, lengoma igobisa iqolo kanti unethemba lokuthi umphakathi waseMgungundlovu namaphethelo uzoyithokozela kakhulu.
Uthe kodwa into ebaluleke kakhulu kuyena ukukhombisa intsha yangakubo ukuthi amaphupho abo engafezeka noma beqhamuka endaweni esemapulazini.

Uthe: “Ngike ngaya ngayokhuthaza abafundi abafunda esikoleni samabanga aphansi iZamokuhle ukuthi bafunde baze bagogode, ayikho into abaluleke ukudlula lokho emiphakathini yethu, kumele sigqugquzele abantu abasha ngoba yibona abayikusasalethu,” kusho uMahlase.
Ephetha, uthe abantu abafisa ukuxhumana naye bengamuthinta kulenombolo 072 068 4606 noma bevakashele amakhasi akhe aku Facebook athi Mashisela Production noma Nyanga Music ukuze bezokwazi nokuthola ingoma yakhe entsha eyaziwa ngokuthi Impilo Ebteboo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.