Ufisa ukusebenza noSjava owaseMbali

2018-10-03 06:00
USfiso Mhlanga nowaziwa ngo ‘Deadbeats’.ISITHOMBE: sithu­nyelwe

USfiso Mhlanga nowaziwa ngo ‘Deadbeats’.ISITHOMBE: sithu­nyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ULIBONA liqhakazile ikusasa lakhe emculweni umdidiyeli wezingoma waseMbali ngemuva kokuba besanda kusebenza noSjava.

USfiso Mhlanga (19) uthi nakuba ingekho ingoma abasayikhiphile kuyamjabulisa ukuthi kukhona i-freestyle ayenze naye lo mculi.

Uthe uyakholelwa ukuthi lokhu kuyisiqalo sezinto ezinkulu ngekusasa lakhe emculweni.

“Into engayenza ukuthi ngafike ngahlanganisa i-beat yami ngabe sengihlangana noSjava ezinkundleni zokuxhumana uTwitter ngamutshela ngayo. Ngamutshela ukuthi ngingakujabulela ukuthi ashaye i-free style esebenzisa yona i-beat yami. Ngesikhathi ngikwenza konke loku angizange ngizitshele ukuthi angaphendula kodwa wangiphendula wanginikeza i-email address yakhe ukuba ngimthumele ngoba uyafisa ukungisiza.

“Angizange ngikholwe ngesikhathi engiphendula ngoba phela uSjava ungumculi odumile kanti mina ngisakhula futhi ngiyazizamela. Ngabe sengimthumelela ke ama-beat wabe eseyacula kuwona wangibuyisela wabe esewafaka nasenkundleni yakhe yezokuxhumana uTwitter nokuyinto eyangijabulisa kakhulu,” kubeka yena.

Uqhube wathi yize eqale ukungena endimeni yezomculo ngonyaka owedlule uthi uzimisele ukuthi akhiphe i-album yakhe maduzane nezobe ihlanganisa zonke izingoma akaze azenza nabaculi abahlukene seloku engenile endimeni yezomculo.

Uthe uzimisele ukuba asebenze kanzima ukuze ezophumelela kule ndawo.

“Into esengiyifundile ngendima yezomculo ukuthi kumele uziphushe wena kanye nomculo wakho ukuze uzokwazi nomculo wakho waziwe uphinde uthandwe ngabantu. Kodwa okubaluleke kunako konke ukuthi kumele unikeze abantu umculo oseqophelweni eliphezulu. Kumele usebenze ngokuzikhatha uma ngabe ufuna ukuphumelela nokuhlale waziwa kulendima,” kuphetha yena.

Uthe kumanje umatasa uzama ukuthola abanye abaculi asebedumile ukuba bashaye ama-freestyle kuma-beat wakhe asewenzile bese bawafaka nasezinkundleni zokuxhumana.Uthe loko kuzomusiza ukuba akwazi ukunyusa igama lakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.