Ufuna imali yakhe owadayiselwa indlu

2015-11-25 06:22
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Umuzi waseSobantu osudale umbango phakathi kwezakhamuzi ezimbili.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Umuzi waseSobantu osudale umbango phakathi kwezakhamuzi ezimbili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USEPHELELWE ithemba lokuthi uyoke awuthole umuzi noma imali yakhe uNkk Mafiki Mkhize waseSobantu okhala ngokuqolwa imali engango-R30 000 athenga ngayo umuzi kumnikazi womuzi ngonyaka ka-2012.

UMkhize okumanje uhlala endlini yomqasho kanye nomndeni wakhe uthi usegqigqe kubameli waze waphelelwa ithemba ezama ukulungisa ukuthi umuzi adayiselwa wona ubuyele ngakuyena njengoba esawukhokhela wawuqeda kumnikazi wawo ongowesifazane wasendaweni.

Lo mbango usudale ingxabano njengoba uMkhize ethi yize indlu esayikhokhela yaphela futhi netayitela lingakuyena kodwa lo wesifazane owamdayisela uyaqhubeka nokuqashisa abantu kuwona umuzi okumanje okuyibona abahleli lapha endlini yakhe.

Uthe, ngonyaka ka-2012 kwafika lona wesifazane kuyena wamtshela ukuthi udayisa umuzi.

“Ngoba umuzi ngangiwudinga ngamtshela ukuthi ngizowuthenga umuzi. Wangitshela ukuthi umuzi uwudayisa u-R30 000 engangingenawo ngaleso sikhathi kodwa ngazama ngaboleka imali ngayikhokha imali yakhe ngaze ngayiqeda.

“Konke lokhu ngikwenza nje ngiboleka imali yesitokofela nemali yasebhange. Ngagcina ngiyiqedile njengoba ngagcina ngikwazi ukuthi ngithole itayitela libe ngakumina.

“Into eyayenzeka kwakuthi konke esikwenzayo sihlangane nommeli wami ukuze abe ngufakazi ngimnikeza imali nje konke lokhu sithi uma sikwenza ummeli abe khona ukuze naye abe ngufakazi wazo zonke izinto esizenzayo.

“Sasihamba naye ngimnike imali ummeli ukufakazela ukuthi imali uyitholile futhi ngaze ngayiqeda,” kusho uMkhize.

Uqhube wathi umnikazi womuzi ube esemcela ukuthi amnike isikhashana esingangezinyanga ahlale endlini ngaphambi kokuthi ayongena kuwona uMkhize.

“Zihambe izinyanga zaphela kulezi esasivumelena ngazo.

“Ngithe uma sengiqala ngimtshela ukuthi akaphume endlini kwaqala kwasuka umsindo.

“Uphumile endlini wahamba wayohlala kubo, indlu yabe isisetshenziswa abantu abaqashile.

“Kumanje yibona abahlala kuyona akafuni ukuyobakhipha ukuze indlu yami ibuyele ngakumina. Indaba ibe isingena enkantolo yagcina isingenelwe nawumndeni wakhe.

“Kumanje anginandlu kanti futhi nemali yami akangikhokhele yona. Ngathi uma ngithi akakhokhe imali yami kwacaca ukuthi lokho ngeke kwenzeke ngoba vele akasebenzi.

“Engikudingayo manje ukuthi abuyise imali yami ngoba kuyacaca ukuthi umuzi ngeke ngiwuthole,” kuqhuba uMkhize.

I-Echo ayimtholanga lona wesifazane ngenkathi imvakashele. Emva kwalokho ibe seyithola ucingo luvela kowesilisa ozobize ngomfowabo kamdayisi wendlu, othe udaba lolu lusenkantolo.

Uthe ngeke aze akhulume umnikazi womuzi kodwa nguye omkhulumelayo.

Ikhansela likawadi 35 uNksz Thandi Matiwane uthe uyazi ngalolu daba, wathi uMkhize wafika kuyena wazolubika ukuze azi njengekhansela yize kuwudaba olunommeli phakathi.

UMkhize ukhombise i-Echo itayitela kanye namaphepha ayesayinwa ngesikhathi benikezana imali benomdayisi wendlu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.