Ufuna izimpendulo umndeni wowabulawa eMafakatini

2018-03-21 06:01
UMnuz Derrick Tsepo Buthelezi owashaywa wabulawa ngonyaka owedlule.ISITHOMBE: SITHUNyelwe

UMnuz Derrick Tsepo Buthelezi owashaywa wabulawa ngonyaka owedlule.ISITHOMBE: SITHUNyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaButhelezi endaweni yaseMafakatini uthi awusoze wakuthola ukuphumula ungakalitholi iqiniso ngokubulawa kwendodana yawo.

UMnuz Derrick Tsepo Buthelezi (36) washaywa wabulawa ngosuku olwandulela uKhisimusi (December 24) ngonyaka owedlule.

UMnuz Buthelezi washaywa ekhanda waze washona. Kulesi sigameko kwaboshwa uMnuz Nhlakanipho Ntombela noMnuz Philani Zuma base Mafakatini nabadedelwa ngebheyili yemali engango-R500 ehamba nemibandela ethi kumele besuke endaweni yaseMafakatini kuze kufike isikhathi sokuphothulwa kwaleli cala, bephinde bengagxambukeli nofakazi bombuso.

UMnuz Joseph Mkhize nonguyise kamufi uthe selokhu kwenzeka lesi sigameko akukaze kwaba khona ukuthula emndenini wabo.

“Into esifuna ukuyazi ukuthi yini lena engaka ayeyenzile umfana wami edale ukuthi aze abulawe ngesihluku esingaka.

Siyamazi ubengayena umuntu oyisixhwanguxhwangu kodwa-ke ngisho ngabe kuthiwa khona into ayeyenzile akekho umuntu ofanele ukubulawa ngalendlela abulawa ngayo. Bamushaya waze washona nesingazi ukuthi babemushaya ngani njengoba ikhanda lakhe lali maxhofoxhofo.

“Umama wakhe uphukile emoyeni kanti futhi sengiyasaba ukuthi uzongenwa isifo sokukwantalala (depression). Selokhu kwenzeka lesigameko izinhliziyo zethu azinakho ukuthula. Umama wakhe ukhala zonke izinsuku ubusuku nemini efuna izimpendulo zokuthi kungani ingane yakhe yabulawa ngesihluku esingaka,” kusho uMnuz Mkhize.

Uqhube wathi okunye okubaphatha kabi ukubona abasolwa bengaphandle necala lihamba ngonyawo lonwabu.

“Indlela okwenzeka ngayo isenza sibe novalo lokuthi kungenzeka leli cala ligcine selilahlelwe ngaphandle enkantolo singazange sibuthole ubulungiswa.

“Sitshelwa ukuthi kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu esingazi ukuthi yini lena engaka eseyiyibambile. Sidinga izimpendulo nobulungiswa ukuze nathi sizokwazi ukuqhubeka nezimpilo zethu.

“Sibona sengathi umthetho awukhombisi ukuzwelana nathi njengabantu abalahlekelwa. Kwakona ukuthi abasolwa bathole ibheyili yemali encane kangaka kukhombisa ukuthi umthetho awusikhathalele.

“Ungamnikeza kanjani umuntu ibheyili yemali encane kangaka ekubeni ebulale umuntu? Kusiphatha kabi ukubona abasolwa becanasa ngaphandle ekubeni salahlekelwa. Sifuna ukubabona bejeza ngalento abayenza.

Ngisho kungathiwa u-Derrick wayebenzeni babengenalo ilungelo lokumbulala,” kubeka yena.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo namhlanje (ngoLwesine) nalapho bazobe bebhekene khona necala lokubulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.