Ufuna kuxoshwe umfundi ohlukumezayo eSmero Secondary

2018-06-20 06:00

UNINA womfundi webanga lika-Grade 9 esikoleni samabanga aphakeme iSmero Secondary uthi ufuna kuxoshwe umfundi wakulesi sikole ohlukumeza indodana yakhe aze ayigijimise ngommese ngaphakathi emagcekeni esikole.

Lo mama ongeke adalulwe igama lakhe ukuvikela indodana yakhe eneminyaka eyi-14 ubudala, uthi uthole ngezindaba zokuhlukunyezwa kwendodana yakhe ngoLwesine olwedlule mhla ka- 7 kuNhlangula (June) ngesikhathi umfundi wakwa-Grade 10 osolwa ngokuhlukumeza emuhlasela ekhaya lakhe.

Uthe ngaphambi kwalesi sigameko ubenazo izinsolo zokuthi indodana yakhe iyahlukunyezwa kodwa ubethi uma eyibuza iphike.

Elandisa i-Echo uthe indodana yakhe ihlukunyezwa umfundi wakwa-Grade 10 ngoba eyisola ngokuntshontsha isikhwama sakhe.

“Lo mfundi ufike emzini wami ekuseni ngesikhathi ngiya emsebenzini ehamba nonina ngoLwesine olwedlule ethi uzofuna imali yesikhwama sakhe esibiza u-R700 esantshontshwa indodana yami. Ngibe sengibiza indodana yami ukuze ngiyibuze ngalokhu nokuyilapho igonyuluke khona ukuthi isikhwama salo mfana asikho kuyena kodwa lomfana uhleli emuhlukumeza njalo ethi ufuna lesi sikhwama,” kubeka yena.

Uthe ilapho ethole khona nokuthi ingane yakhe ayisenazo ngisho izincwadi zesikole zithathwe ilo mfana oyihlukumezayo.

“Ithe lokhu kuhlunyezwa kwayo kwaqala ngomhla ka-24 kuNhlaba (May) kuze kube yimanje lo mfana uhlale emushaya amuvalele endlini yangasese amungqubuze odongeni ngekhanda ayisabise ngommese ukuthi ingatsheli muntu. Ngithole nokuthi ingane yami wayikhumula izicathulo zayo zesikole ne-blazer wathatha nesikhwama sayo sesikole nezincwadi phakathi. Ngesikhathi ngibona ukuthi akasazigqoki lezi zicathulo abejwayele ukuzigqoka esikoleni ngamubuza ukuthi ziphi wangitshela ukuthi kade bedlala base bekhumula umfaniswano bawushiya emaklasini wabuya sebewuntshontshile wathi kodwa ubikile kothisha.

“Lokhu kufakazelwe ngisho nangabanye abafundi abafunda kulesi sikole abashilo ukuthi ingane yami isiphenduke ibhola lalo mfana esikoleni zonke izinsuku. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi umama walo mfana uzivumele ngokwakhe ukuthi umfaniswano nezincwadi zengane yami zikwakhe zathathwa ingane yakhe kodwa bathi ngeke baze bazibuyise kuze kube ngikhokha imali yesikhwama esingasazi. Lo mfundi ukhipha ingane yami ngisho ekilasini kufundwa ahambe ayoyishaya ezindlini zangasese ngoba azi ukuthi iyamesaba. ”

Lo mzali obezwakala ekhathazekile uthe okumphatha kabi ukuthi ingane yakhe izophetha ngokuthi ifeyile kwazise ayinazo izincwadi okanye agcine engasayi nhlobo esikoleni ngoba esaba lo mfana.

“Sengize ngavula icala emaphoyiseni ngoba ngikhathele ilo mfana ohlukumeza ingane yami othisha bengenzi lutho kodwa bebona. Angazi bayivumela kanjani indaba yokuthi kungenwe nemimese esikoleni. Lo mfana ngimufuna ehambile esikoleni aqede abuyise izimpahla zengane yami. Uyafika nokufika kulesi sikole shuthi lapho esuka khona uxoshoshelwe yona lento yokuhlukumeza abanye abafundi angazi ukuthi bamamukele kanjani kulesi sikole.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Sicelo Khuzwayo ucele ukuba athunyelelwe umqhafazo kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engaphendulanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.