Ufuna ubulungiswa owadutshulwa washiswa nendlu

2018-04-11 06:03

OWESILISA waseSigodini owadutshulwa waqede washiswa nendlu ngoLwezi (November) wangonyaka ophelile uthi akakazukuthola ukuphumula kuze kube ubona abenzi bobubi bebhadla ejele.

UMnuz Mduduzi Majola nonguSihlalo wenhlangano elwa nobugebengu kule ndawo wahlaselwa ngesikhathi elele ekhaya lakhe mhla zili-18 kuLwezi nalapho adutshulwa khona amahlanda ayi-10, baqede bathungela indlu yakhe ngomlilo.. Kulesigameko kwaboshwa uMnuz Sanele Khanyile nowadedelwa ngebheyili kanye noMnuz Sipho Shange osabhadle esitokisini.

UMnuz Majola uthi selokhu kwenzeka lesi sigameko usephila ngokwesaba.

“Angizisabeli nje mina kuphela kodwa ngisabela nomndeni wami imbala ngoba angazi ukuthi bengafuna ukwenzani njengoba omunye wabo ecanasa ngaphandle. Kungenzeka bafune ukucisha ubufakazi, kwazi bani ukuthi bazokwenzani? Ngifuna yonke lento iphele bayobhadla ejele ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo yami,” kubeka yena.

UMnuz Majola uthe akeneme ngendlela ekuqhubeka ngayo leli cala njengoba ethi selidonse isikhathi eside lingaqulwa ekubeni abasolwa sebaboshwa. “Abasolwa baboshwa ngemuva kosuku kwenzeke isigameko kodwa kuze kube yimanje angiyiboni inqubekela phambili ngecala. Angikaze ngitshelwe ukuthi yini ebambezele icala kodwa ngiyabona nje kucwebe iziziba akukho lutho okwenzekayo.” Uphinde waveza ukuthi kukhona umsolwa wesithathu ongaboshiwe nathe ufuna izimpendulo emaphoyiseni ukuthi kungani lo msolwa engaboshiwe ekubeni amubona ukuthi wayekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.