Ufuna ukudlulisela ithalente lakhe kwabanye

2019-11-06 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmakhi osafufusa uQiniso Gwamanda.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUmakhi osafufusa uQiniso Gwamanda.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA osemncane wasendaweni yase-Honeyville uthi uyafisa ukusebenzisana nabanye abantu abanethalente elifana nelakhe ukuze bezokhulisana bathuthukise nedolobha uMgungundlovu.

UQiniso Gwamanda (23) wakha izindlu kanye nezinye izinto esebenzisa amakhalibhothi kanye ne-Papier Mache.

Ekhuluma ne-Echo uGwamanda uthe uthando lokwakha lwaqala ngesikhathi enza ibanga lika-Grade 9.

Uthe isifundo i-technology yayibaphoqa ukuba benze izindlu ngamakhalibhothi nokuyilapho abona khona ithalente lakhe waqala waba nothando lokwakha.

“Indlu engangiyakhile ngayakha ngekhalibhothi kodwa kwaba iyona enhle ukuzedlula zonke. Ngathi sengiqedile ukwenza umatikuletsheni ngase ngibona omunye umuntu enze indlu naye esebenzisa amakhalibhothi ngabe sengiyavuseleleka nami ngaqala phansi ngakha.

“Seloku ngiqalile ngiloku ngizama ngizifundisa mina ngenza nezinto ezahlukene ngaphandle kwezindlu ngoba ngifuna ukuzithuthukisa ngikhulise leli thalente enginalo,” kubeka yena.

Uthe njalo uma ngabe kukhona into azoyakha uqale afune ulwazi olunzulu ngayo ngoba kwesinye isikhathi uze angene ngisho kwi-internet ukwenza isiqiniseko sokuthi le nto azoyakha izophuma ifana nse. “Angikwazi ukuhlala ngingenzi lutho. Sonke isikhathi sami enginaso ngisichitha ngokuthi ngizakhele izinto ezahlukene. Ngifuna ukukhula ngingagcini nje ngokwakha ngiphelele lapha kodwa ngifuna ukuthi ngelinye ilanga ngigcine sengikwazi ukuziphilisa ngalo msebenzi engiwenzayo.

“Angiziboni ngenza enye into ngaphandle kwaloku engikwenzayo njengamanje. Isifiso sami ukuthi ngikwazi ukuba ngihlangane nabanye abantu abanethalente elifanayo nelami ukuze sizokwazi ukufundisana izinto ezahlukene esizaziyo.

“Ngiyacabanga loko ukuthi kungasiza kakhulu ukuthi sithuthukisane sesekane sisodwa kulo mkhakha,” kubeka yena.

Ngaphandle kokwakha izindlu uGwamanda uphinde akhe izimoto kanye namabhanoyi okusebenza ngogesi nathe budinga obukhulu ubuchule kodwa wathi uyakujabulela ukukwenza.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.