Ufuna ukukhula emculweni okhiphe i-album

2019-12-18 06:01
UMnu Mzamokwakhe Mbatha nowaziwa ngo ‘Mzamo DBK’.ISITHOMBE: ntandoyenkosi kunene

UMnu Mzamokwakhe Mbatha nowaziwa ngo ‘Mzamo DBK’.ISITHOMBE: ntandoyenkosi kunene

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-House wasendawei yaseMbali e-CC eMbali Unit 3 uthi ufisa ukuthi ngelinye ilanga umculo wakhe ugcine usudlalwa ngisho emazweni angaphandle.

UMnu Mzamokwakhe Mbatha (41) nowaziwa ngo ‘Mzamo DBK’ ongowokuzalwa endaweni yase-Donnybrooke usanda kukhipa i-album yakhe esihloko sithi ‘now or never’.

Le-album inezingoma ezili-14 okuhlanganisa khona ezomdanso kanye nezokholo. Uthe i-album yakhe yokuqala seloku engene endimeni yezomculo.

Ekhuluma ne-Echo uthe selokhu iphumile i-album yakhe abantu abaningi bakhombisa ukuyijabulela kakhulu kanti futhi unethemba lokuthi basazoqhubeka bayijabulele nalabo abangakayizwa.

“Izingoma eziningi kule-album zikhuluma ngothando bese kube khona ezinye zokholo ukwenza isiqiniseko sokuthi akekho umuntu ovaleleka ngaphandle,” kubeka yena.

UMnu Mbatha uthe waqala ukuba nothando lomculo esayingane encane kodwa into ayeyithanda kakhulu ukuba umuklwebhi wamapuleti.

“Sikhule sicula vele siyizingane emasontweni. Mina bengithanda ukuba umuklwebhi wamapuleti ngabe sengiqala ngonyaka wezi-2008. Ngithe uma ngabe sengingenile ngabanothando lokuba ngumdidiyeli wezingoma ngoba kwesinye isikhathi ubuke uthole ingoma ube nemibono ehlukile ngayo nokuyindlela egangena ngayo ke mina leyo.”

Uthe uqale ukungena endimeni yomculo ngonyaka wezi-2014 nalapho ebe esevula khona indawo yokuqopha umculo ebiza ngokuthi Imbizzo.

“Isifiso sami ukuthi nami ngizibone ngikhula endimeni yezomculo. Ngifisa ukuthi umculo wami ugcine usuwaziwa futhi usudlalwa ngisho naphesheya kwezilwandle. Okwamanje ngisematasa ngizama ukuphusha yona le-album yami. Nginanesifiso sokuthi ngikwazi ukuyethula ngokusemthethweni kjubalandeli bami.”

I-album yakhe uthe iyatholakala kuzona zonke izindawo zoku-downloader kanti maduzane izobe isikwazi nokuthi itholakale ezitolo ezidayisa umculo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.