Ugcine akheliwe indlu obesekuphele iminyaka elindile

2019-05-01 06:01
ISITHOMBE: sigciniweUNkk Phindile Ntshare ehleli ngaphandle kwendlu yakhe endala.

ISITHOMBE: sigciniweUNkk Phindile Ntshare ehleli ngaphandle kwendlu yakhe endala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SIGCINE sakheliwe idlu yomxhaso isaguga sasendaweni yaseSweetwaters uNkk Phindile Ntshare nobesekuphele iminyaka engaphezu kweyisihlanu elindile.

UNkk Ntshare (77) wabhalisela indlu yakhe yomxhaso ngonyaka wezi-2012 kodwa kuze kwashaya lo nyaka indlu yakhe ingakakhiwa.

I-Echo ibike ngodaba lukaNkk Ntshare mhla zingama-21 kuNdasa (March) nokuyilapho abantu benkampani eyakha izindlu zomxhaso iVulindlela Development Projects (VDA) babe sebesukuma khona baqala bakhela ugogo indlu yomxhaso enamagumbi amahlanu nokumanje seyiphelile.

Ugogo uNtshare ubehlala nendodana yakhe, uPhilani, kanti indlu abebehlala kuyona ibisingena imvula njalo uma ngabe izulu lina ikakhulukazi egumbini likagogo.

Ugogo Ntshare watshela i-Echo ukuthi njalo uma ngabe kade lina izulu bekuphoqa ukuthi njalo ekuseni avuke akhiphe zonke izimpahla ezisendlini ngemuva kokuba sezinethile zamanzi.

Bekhuluma ne-Echo ngemuva kokuba bakhelwe indlu yabo yomxhaso indodana kagogo uPhilani uthe bayajabula kakhulu ukuthi izikhukhula azibaficanga besahlala kule ndlu akade behlala kuyona.

“Kwazi bani hlampe bekungenzeka ukuthi izikhukhula zivele zikhukhule indlu yonke nathi phakathi njengoba ivele izinethela manje. Sijabulile kakhulu ukuthi ngemuva kokulwa isikhathi eside sifuna indlu yomxhaso kodwa ekugcineni sigcine siyitholile.

“Nathi sesizokwazi ukuthi sihlale sikhululeke njengabo bonke abantu siyeke ukuhlalela ovalweni njalo uma ngabe sibona izulu liqala ukunetha sisabela ukuthi indlu esihleli kuyona izowa noma yinini,” kubeka yena.

UPhilani uboge wanconcoza kwiphephandaba i-Echo nathi lidlale indima enkulu ekutheni nabo bagcine sebekwazile ukuthi bathole indlu yomxhaso akade babeyilindile.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.