Ugcine eshonile obeshiswe isoka

2019-11-27 06:01

KUGCINE eshonile owesifazane wasendaweni yaseSweetwaters obesekuphele izinyanga ehleli esibhedlela ngemuva kokuba ethungelwe ngolilo isoka lakhe akade ehlala nalo.

UNks Nokuthula Rose Khanyile ushonele esibhedlela i-Edendale ngoLwesithathu olwedlule mhla zili-14 kuLwezi (November) ngemuva kokuchitha isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili khona.

I-Echo yabika ngalesi sigameko mhla zili-15 kuNcwaba (August) ngemuva kokuba isigameko sona senzeke mhla zili-13 kuNcwaba.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo osondelene nesigameko, uNks Khanyile wayesekhaya lakhe nezingane zakhe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kuthiwa uNks Khanyile waba nengxabano nesoka lakhe nokuyikona okwagcina sekuholela kulesi sigameko.

“Intombazane yabe isithatha ikhandlela ithi ishisa isoka layo, isoka labe seliyayiphuca lathatha ikhandlela lalibeka. Intombi yabe isithatha isigubhu esi no-paraffin endlini ithi ithela ngawo isoka, kanti isoka lizovele limubambe lamphuca lathela yena. Labe selithatha ikhandlela la mushisa ngalo wavutha amalangabi waphuma wabaleka,” kubeka wona.

Umthombo waveza ukuthi sonke lesi sigameko senzeka phambi kwezingane ezincane ezimbili.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe babuhlungu ukuthi kugcine sekufika ekutheni kushone umuntu.

“Washiswa isoka ngo-paraffin lamokhela ngekhandlela washa phambi kwezingane ezimbili ekade behlala nazo endlini. Ubesechithe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili esibhedlela sase-Edendale elashelwa amanxeba okusha”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.