Ugeqa amagula owathumba usana

2018-02-21 06:00

UGEQE amagula owesifazane wase-Hammersdale ngokwenzeka ngesikhathi ethumba usana olwalunamasonto amabili luzelwe edolobheni laseMgungundlovu.

UNksz Prisca Gabisile Mndaweni ubevele eNkantolo yesiFunda saseMgungundlovu ngoLwesihlanu olwedlule ebhekene necala lokuthumba uSikhanyiso Ngcobo ngoZibandlela (December) ngonyaka owedlule.

UNksz Mndaweni ongaphandle ngebheyili ka-R500 ulivumile icala wabe esecela inkantolo ukuba imuzwele uma isimunika isigwebo. Elandisa inkantolo ngokwenzeka esitatimendeni sakhe ebesifundwa ummeli wakhe u-Adv Nyandu, uMndaweni uthe ngosuku lwesigameko wayesekhoneni lomgwaqo uLangalibalele Street no-Boshoff Street ngesikhathi ebona uBongekile Ngcobo (unina wengane) egodle usana lwakhe.

“Ngahamba ngaya kuyena ngacela ukuba ngimphelezele wabe esevuma. Saqhubeka sehla ngawo umgwaqo uLangalibalele ngacela ukuba ngimusize ngokumphathela ingane.

“Wanginikeza ingane saqhubeka nohambo okwathi uma sifika ekupheleni komgwaqo u-Church Street nganikeza uNksz Ngcobo u-R20 ngathi ngicela angithengele ama-chips ngoba sengilambile,” kuchaza yena.

Uqhube wathi ngesikhathi ebona ukuthi uNksz Ngcobo usesithelile wabaleka nengane wangena nayo etekisini waya e-Hammersdale ngaphandle kwemvume kaNksz Ngcobo. Umsolwa uthe uyazi ukuthi akwenza kuphambene nomthetho futhi uyazisola.

U-Adv Bhekuyise Khumalo uthe uyasamukela isitatimende sikamsolwa wabe esemulahla ngecala lokuthumba.

USikhanyiso watholwa ekhaya likamsolwa kanye nomsolwa ngoZibandlela (December) 27, nokuyilapho akhalelwa khona ngamsongo kasigonyela. Usana lwabuyiselwa kubazali balo kodwa lwashona ngemuva kwezinsuku ezimbili luhlanganiswe nabazali. Umndeni kaSikhanyiso obusenkantolo ubuthukuthele ugane unwabu uthi awufuni nokumbona umsolwa ngenxa yobuhlungu abazwisa bona.

Ugogo kaSikhanyiso ongathandanga kudalulwe igama lakhe, utshele abe-Echo ukuthi abaneme neze ngesinqumo senkantolo sokuthi iqhubeke inwebe ibheyili kamsolwa yize eselivumile icala.

“Ibuhlungu lento eyenzekayo. Lomuntu uyingozi emphakathini akumele engabe ungaphandle. Sifuna bhadla ejele. Abasicabangeli ukuthi sizizwa kanjani njengoba lomuntu egcogcoma ngaphandle. Sifuna kwenziwe ubulungiswa ukuze sizokwazi ukuthobeka amanxeba,” kusho yena.

Unina kaSikhanyiso akathandana ukuphawula ngemiphumela yasenkantolo. Icala lihlehliselwe uMhla ka-26 kuNhlolanja (February) ukuze kulethwe imibiko kamsolwa ephuma kwezabamajele. Umsolwa ungaphandle ngebheyili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.