Ugeqa amagula owayesebenzela i-Echo

2019-04-10 06:01
ISITHOMBE: facebookUMnu Jerry Barnes owasebenzela i-Echo njengentatheli iminyaka engama-20.

ISITHOMBE: facebookUMnu Jerry Barnes owasebenzela i-Echo njengentatheli iminyaka engama-20.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“UBUDLELWANE bami ne-Echo bufana nobudlelwane bomndeni seloko yasungulwa.”

Lawa ngamazwi kaMnu Jerry Barnes nowayeyintatheli ye-Echo ngasekuqaleni kweminyaka yabo-1980.

UBarnes wasebenzela leli phephandaba njengentatheli yezemidlalo iminyaka engama-20.

Exoxa nge-Echo ngohambo lwakhe kanye nobudlelwane bakhe naleli phephanda ndaba uBarnes uthe waqala ukubhalela i-Echo esafunda u-Grade 10 nalapho ayebhala khona kabili ngenyanga bese eyathumela. Uthe wayekuthanda kakhulu ukubhala kanti ukubhalela i-Echo kwamsiza kakhulu. Uthe waqhubeka wabhala kwaze kwaba uqeda isikole nokuyilapho abe esehlabana khona ngethuba lokusebenzela leli phephandaba njenge-cadet. U-Barnes uthe ngesikhathi i-Echo isungulwa wayengumuntu ohleli eyifunda njalo nokuyikona okwagcina sekumkhuthaza ukuthi naye afune ukuba yingxenye yezintatheli ezibhala izindaba zomphakathi.

“Seloku ngaqala ukubhalela nokufunda i-Echo ubudlelwane bami nayo abukaze bashintsha seloku ngayithanda loko kanti futhi kuze kube imanje ngisanobudlelwane obuhle kakhulu nayo. Ngasebenza kuleli phephandaba lomphakathi iminyaka engama-20 ngabe sengiyahamba ngiyosebenzela iSunday Sun eGoli.

“Nakuba sengihambile angizange ngikhohlwe ekhaya ngoba ngisho izindaba engicabanga ukuthi ziyawuthinta umphakathi we-Echo ngangithinta izintatheli ezasezikhona ngaleso sikhathi ngibuze ukuthi kungabe sekukhona yini abakuzwile,” kubeka yena.

UMnu Barnes uthe ngesikhathi esebenza kuleli phephanda wayebizwa ngo ‘Mr Echo’ noma ilaphi lapho eya khona eyokwenza izindaba zephepha.

“Ngisho namanje abantu abaningi basanako ukungibiza kanjalo uma bengibona. Into eyayingijabulisa kakhulu ngokusebenzela leli phephandaba ukuthi lalihleli libeka umphakathi walo phambili kanti futhi lalisondelene nomphakathi. “Kwesinye isikhathi sasithatha isikhathi sethu sokuthi siphume sihambe siyohlangana nomphakathi ukuze sizokwazi ukuthi siwazi kangcono sithole nezinto ababhekana nazo emiphakathini yabo eyehlukile.”

Uthe into angeke aze ayikhohlwa kungesikhathi ethola ithuba lokuba ahambe aye eKapa nalapho ayeyokwenza khona udaba lweqembu lebhola lezinyawo laseSobantu i-Sobantu Italia nelaliyomela isifundazwe saKwaZulu-Natal emncintiswaneni we-Sminorf League.

“Ngangisayintatheli eyayisafika ngaleso sikhathi kanti ngangijabule kakhulu ukuthi nami ngikwazi ukuthi ngenze udaba lukazwelonke. Engingakusho ukuthi nje abantu abaningi asebeke basebenza kwi-Echo bafunde lukhulu kanti baphume sebengabantu abakhaliphile kakhulu ngoba makungukuthi abantu abaningi baqala khona bese bese beya ezindaweni eziphezulu ngoba basuke sebekulungele,” kubeka yena.

UBarnes uthe wasebenzisana kahle kakhulu nabo bonke ababekhona ngaleso sikhathi ikakhulukazi umhleli wephephandaba uMnu Percy Khumalo nongasekho emhlabeni.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.