UGigaba nesu lokuqeda olayini abade

2018-05-02 06:00
isithombe: BYRONE ATHMAN UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba ehambele ihhovisi eliseMgungundlovu ngoMsombuluko.

isithombe: BYRONE ATHMAN UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba ehambele ihhovisi eliseMgungundlovu ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba usethembise ukuvula amanye amahhovisi ezindaweni ezakhele uMgungundlovu okuyindlela yokunciphisa olayini abade ehhhovisi lalo mnyango eliku-Church Street.

UMnuz Gigaba ukusho lokhu ngoMsombuluko mhla zingama-23 kuMbasa (April) ngesikhathi ehambele leli hhovisi njengoba lihluzwe njenge hhovisi elidinga usizo oluphuthumayo ngenxa yolayini abade ababa khona zonke izinsuku.

UMnuz Gigaba uxoxisane nabaphathi kanye namalungu omphakathi akade ekhona ukuthola ukuthi yiziphi izinkinga abhekana nazo uma bevakashele leli hhovisi.

Ngemuva kokuxoxisana kwakhe namalunguomphakathi uthole ukuthi inkinga enkulu ebhekene nomphakathi waseMgungundlovu ubude bolayini nathembise ukuthi bazozama izindlela ezahlukene ukwenza isiqiniseko sokuthi lokhu kuyaphela.

“Leli hhovisi yilona elikhona eMgungundlovu kanti abantu abaningi balapha kanye nasezindaweni ezakhelene nayo basebenzisa lona nesibona ukuthi iyona inkinga egcina idala ukuthi olayini babe bade kakhulu.

“Sisezinhlelweni zokuthi sikwazi ukuthola abasebenzi abathe xaxa ehhovisini elise-New Hanover ukuze abanye abantu bezokwazi ukuthi baye khona.

“Sibheke ekutheni siphinde sivule amanye amahhovisi kwezinye izindawo ezingaphansi koMgungundlovu ukuze abantu abaningi bezochithekela khona.

“Lento yokuthi kube khona olayini abade angeke size siyibekezelele siwumnyango.

“Lena yimpi esizoyilwa futhi sizoyiwina. Angiyithandi lento engiyizwile ukuthi kukhona umuntu osuke ngehora lesihlanu ekuseni lapho ehlala khona kodwa sekuze kwashaya ihora leshumi kwayima esizakala.

“Akekho umuntu ekumele ahlale emahhovisi ethu isikhathi esingangamahora amabili okanye ngaphezulu ngaphandle kokusizakala.

“Abantu abaningi bagcina sebephoqeleka ukuba balove emsebenzini ngoba befuna ukuya emahhovisini oMnyango wezaseKhaya ngenxa yolayini abade.

“Esikhathini esingangonyaka kusukela manje sizobe silwa le nkinga yolayini abade. Lolu daba yilona oluzoba seqhulwini ezintweni esizilungisayo emnyangweni wethu.”

Uphinde waveza nokuthi basezinhlelweni zokusebenzisana namabhange ukuze labo bantu abafaka izicelo zomazisi abangamakhadi [smart card]bakwazi ukuzifaka emabhange ukuze kuzoncipha isibalo sabantu abaya emahhovisini omnyango.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.