Ugwazelwe intombi owakwaPata

2017-10-18 06:02
Isithombe:Makhosandile ZuluUMnu. Samkelo Mazibuko esibhedlela.

Isithombe:Makhosandile ZuluUMnu. Samkelo Mazibuko esibhedlela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYALULAMA umlisa wakwaPata endaweni yakaMtaliyane ogwazwe ngommese wasekhishini ngoLwesibili oledlule mhlaziyi 3 ku Okthoba kubangwa intombazane.

Isisulu igama laso okunguSamkelo Mazibuko singeniswe esibhedlela sase Edendale ngalo uLwesibili ngemuva kokuqulekela phambi kwezihlobo zakhe emuva kokubalekela lo omgwazile.

Intatheli yaleliphephandaba ikwazile ukuthola ithuba lokuxoxisana naye uMnu. Mazibuko oneminyaka engu-19 ngenkathi esasesibhedlela.

“Lento yenzeke ngabo-3 ntambama, ngigwazwe amanxeba amane, elilodwa elisethangeni, elilodwa elisesifubeni kanye namabili emhlane,” kusho uMnu. Mazibuko.

Uthe umsindo usuke ngentombazane yakhona endaweni abekade ehlezi nayo nodadewabo ekhaya kubo.

“Kungene ucingo kulentombazane kanti bekuyindoda yayo eyibuze ukuthi ikuphi ibe isisho ukuthi ihlezi nami nodadewethu,” kusho yena.

Uthe akuphelanga imizuzu etheni ngemuva kocingo lwalentokazi kwabe sekungena umsolwa, oneminyaka engu-20, ofike wasusa umsindo waqeda watshela intombazane le ukuthi abahambe beye ekhaya kubo.

“Kodwa uphinde wabuya mina besengihlezi nomunye umuntu, yilapho angigwaze khona.

Ngivele ngabalekela kwamalume la engithe ngifika khona ngaphelelwa umoya ngavele ngaquleka. Ngiphaphame sengise sibhedlela,” kusho uMnu. Mazibuko.

Unina kamsolwa, uNkk Sebenzile Khumalo uthe ushaqekile ngenkathi ezwa ukuthi indodana yakhe isigwaze eyakwamakhelwane yaphuthunyiswa esibhedlela.

Uthe ngokuzwa kwakhe nentombazane le obekubangwa yona engathi igwaziwe nayo kodwa akubonile yilokhu okwenzeke emagcekeni akwakhe.

“Mina ngibone ngabafana bedlula phambi komnyango bebheke endlini yendodana yami ngithe uma ngibabuza ukuthi ngingabasiza kanjani bangitshela ukuthi bafuna indodana yami ngenkathi ngiqhubeka nokubabuza yila abangitshele khona ukuthi indodana isigwaze umfana wakwamakhelwane kubangwa intombazane,” kusho uNkk Khumalo.

Uqhube wathi kuthe ethi ungqongqozela indodana yakhe ebisegumbini layo wezwa ngomsindo ukuthi kukhona umuntu ebimuvalele ngaphakathi obekuzwakala sengathi owesifazane.

“Sigcine sikwazile ukuvula umnyango, ngaphakathi sathola indodana yami ishaya yona lentombazane ebibangwa.

Abafana laba abekade bezoyibheka babambe yona mina ngatshela le ntombazane ukuthi ayibaleke ingazi ilimale ukudlula lokho ebesiyikhona,” kusho unina kamsolwa.

Uthe into emudina kakhulu ukuthi isisulu nomsolwa, indodana yakhe, bangomakhelwane kodwa sekuze kwalimala oyedwa waya nasesibhedlela ngenxa yokubanga intombazane.

UNkk Khumalo uthe ngoLwesithathu kufike amaphoyisa ezobheka umsolwa kodwa awamutholanga.

Umfowabo wesisulu, uMnu. Ndumiso Mazibuko uthe: “Mina ngibone kudlula umuntu egijima kwasekulandela umsolwa engimbuze ukuthi kwenzakalana wangiphendula ngokuthi kukhona asemugwazile.

Nami ngizwe kuthiwa intombazane le igwazeke engalweni nokuthi ibimabokoboko ebusweni ngoba umsolwa ubeyivalele endlini eyishaya. Kodwa nayo ngigcine ngiyibona ngenkathi isibaleka isikibha sayo besigcwele igazi,” kusho yena.

Ngokusho kukamfowabo wesisulu, uMnu. Ndumiso Mazibuko, umsolwa ubephethe isibhamu ngenkathi embona ngemuva kokugwazwa kukaSamke Mazibuko.

“Inkinga ukuthi yisona lesi sibhamu esimuhlanyisayo,” kusho uMnu. Mazibuko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.