Ugwetshiwe owabulala abashana abane

2018-04-04 06:01
UMnu Ben Mbhele ekhihla isililo enkantolo ngemuva kokugwetshwa.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UMnu Ben Mbhele ekhihla isililo enkantolo ngemuva kokugwetshwa.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waseNzimangwe owabulala waqede wacwiya izicubu zomzimba zabashana bakhe abane ukhihle isililo eNkantolo yaseMgungundlovu ngoLwesibili mhla zingama-27 kuNdasa (March) emva kokugwetshwa odilikajele abane yijaji u-Adv Elizabeth Law.

UMnuz Ben Mbhele ubebhekene namacala amane okubulala abashana bakhe uLwandle Mbhele (4), uBandile Mbhele (7), uSiphindile Mbhele (9) noLwandile Mbhele (11) ngoMandulo (September) ngonyaka ophelile.

Izidumbu zale zingane zatholwa ekhaya lazo zinqunywe izindlebe futhi zinamanxeba okugwazwa.

Umsolwa walivuma icala kule nkantolo mhla zili-22 kuNdasa (March) emva kokuboshwa mhla zili-10 kuNdasa.

Esitatimendeni lapho avuma khona lama cala, umsolwa wathi wahlohlwa umngani wakhe uMnuz Sbongiseni Nyawose ukuba enze lesi sigameko. Wathi uMnuz Nyawose wamutshela ukuthi uma engathola izicubu zomuntu bazozihambisa enyangeni eThekwini ezomenza ukuthi abe isigwili. Waqhuba wathi ngemuva kwesikhathi ecabanga ngalolu daba wagcina esevumile ukwenza lezi zimanga ngokusizana nomngani wakhe uMnuz Nyawose nosagcwele amathafa.Wathi phakathi kwalezi zingane zonke ezabulawa yena wagwaza eyodwa kuphela kwathi uMnuz Nyawose yena wagwaza ezintathu wabe esesika izicubu zazo ngesikhathi sezishonile.

Lezi zicubu kuze kube yimanje azikakatholakali.

Ngesikhathi ijaji likhipha isigwebo libabaze isihluku okwabulawa ngaso lezi zingane lase lithi umsolwa wakhombisa ukungabi nawo unembeza ngesikhathi enza lama cala.

“Beniyigazi elilodwa nalezi zingane zikwethemba njengomalume nomndeni kodwa wena konke lokho wakushabalalisa ngokuthi uzibulale ngoba ufuna imali.

“Wathatha izimpilo zezingane ezincane ezingenacala ezingakwazi nokuzilwela. Kunzima ukucabanga ubuhlungu lezi zingane ezabuzwa ngemizuzu yazo yokugcina zisaphila.

“Indlela ovume ngayo lama cala iyakhombisa ukuthi wawuhlosile ukuwenza.Wawunesikhathi esingangamasonto amabili sokuthi ucabangisise lento owayivuma kumngani wakho ukuthi uzoyenza kodwa awuzange ukwenze lokho waqhubeka nalo itulo lokubulala,” kubeka lona.

Liqhube lathi umsolwa akazange adliwe ngisho nawunembeza njengoba ahamba nonina wazo izingane wayohlonza izidumbu.

Umsolwa kuthiwa waphinda wahamba waya emaphoyiseni eyocela ukuba amugcwalisele amafomu emali yomshwalense ayefake kuwo izingane ngo-R15 000 iyodwa nokwavela ukuthi umndeni wezingane ubungazi lutho ngalokho.

Kuleyomali kuthiwa umsolwa akazange akhiphe ngisho isenti ukulekelela ngezindleko zomngcwabo.

“Sifuna ukuthumela umyalezo oqinile lapha ngaphandle ukuthi amacala afana nalawa ngeke size siwabekezelele.”

UNks Phakamile Mbhele ongu-anti wezingane ezabulawa nobekhona enkantolo, uthe banelisekile ngesigwebo esinikezwe umsolwa kodwa wathi
basafuna ukwazi ukuthi izicubu zezingane zashonaphi.

“Namanje akasitsheli ukuthi wazishonisaphi izicubu zezingane ulokhu ethi zahamba nomngane wakhe.

Siyafuna ukwazi ukuthi zashonaphi ukuze sizokwazi ukuzingcwaba
nabantwana baphumule ngokuthula.

Ukumxolela khona sesamuxolela ngesikhathi ehlanza amaqiniso okokuqala ngqa kuthina njengomndeni ngoba sabona ukuthi ngeke kuze kusisize
ngalutho
ukudinwa ngeke kuze
kubabuyise
abantwana,”
kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.