Ugwetshiwe owantshontsha usana

2018-03-07 06:01

UMNDENI wosana olwantshontshwa lunamasonto amabili luzelwe uyakhala ngesigwebo esinikezwe owesifazane owaluntshontsha.

UNkk Gabisile Mndaweni wase-Hammersdale ugwetshwe iminyaka eyi-6 iNkantolo yesiFunda saseMgungundlovu ngoMsombuluko mhla ka-26 kuNhlolanja (February) .

UNkk Mndaweni obengaphandle ngebheyili ka-R500 walivuma icala lokuthumba uSikhanyiso Ngcobo wase-Elandskop ngoZibandlela (December) ngo-2017.

USikhanyiso wathunjwa ngesikhathi ehamba nonina uBongeka Ngcobo edolobheni laseMgungundlovu.

Watholwa ekhaya likamsolwa ehleli naye umsolwa ngawo uZibandlela kodwa washona ngemuva kwezinsuku ezimbili nje ebuyiselwe kubazali bakhe.

Ugogo kaSikhanyiso uNkk Makhosazane Ngcobo uthe abaneme neze ngesigwebo esitholwe uNkk Mndaweni.

“Lo muntu wasihlukumeza kakhulu singumndeni bekungafanele athole isigwebo esincane kangaka. Bekumele athole noma iminyaka eyi-10 noma ngaphezulu. Sijabule ukuthi uzozikhokhela izenzo zakhe ezimbi ngokuyohlala ejele. Sagcina silahlekelwa ingane ngenxa yakhe. Besifuna abolele khona ejele,” kubeka yena.

Elinye ilungu lomndeni kaSikhanyiso elingazidalulanga igama lithe : “Sincane lesi sigwebo esitholwe ilentombazane.Njengoba bemunikeza iminyaka eyi-6 ubani owaziyo ukuthui uSikhanyiso wayezophila iminyaka emingaki.

“ Siyazi ukuthi njengoba enikezwe leminyaka eyi-6 uzohlala ejele iminyaka emithathu kuphela. Sifuna kube khona into eyenziwayo ngalesi sigwebo sifuna sinyuke ngoba aseneme neze,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.