Uhlalele ethembeni umndeni owalahlekelwa

2018-02-21 06:00
ISITHOMBE : sithunyelweUMinenhle Ndawonde osekuphele unyaka elahlekile.

ISITHOMBE : sithunyelweUMinenhle Ndawonde osekuphele unyaka elahlekile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

YIZE sekuphele unyaka indodakazi yabo idukile, umndeni wakwaDlamini KwaMafunze, e-Elandskop uthi awulilahlile ithemba.

UMinenhle Ndawonde (17) kuthiwa wagcina ukubonakala ngoNhlolanja (February) ngonyaka odlule. Ngokusho kukagogo wakhe umaDlamini, uMinenhle wahamba eyobheka ingane yakhe esibhedlela ngesikhathi kuthiwa iyagula.

“Ingane yakhe yayingahlali naye yayihlala kubo kababa wayo ngoba yena wayesafunda.

Yagula ingane kwaze kwaphoqa ukuthi idluliselwe esibhedlela nokuyilapho okwafuneka khona umama oyizalayo ukuze ezochaza ukuthi eyiphi imigomo ingane engayitholanga.

“UMinenhle wayengazi ukuthi ingane ikwesiphi isibhedlela kodwa waqhubeka wathi uyofuna ingane yakhe.

Seloku ahamba ngaleso sikhathi akaphindanga wabuya ekhaya kanti wagcina engafikanga nase sibhedlela,” kuchaza ugogo.

Uqhube wathi selokhu umzukulu wakhe anyamalala akakutholi ukuphumula njengoba ezibuza ukuthi ngabe ulaphi nokuthi ulale edleni.
“Sengike ngagula ngalala esibhedlela i-Edendale inyanga yonke ngenxa yokuxakaniseka emoyeni. Okubuhlungu kakhulu ukuthi lomuntu ubelala nami embhedeni, ukuya kwami ukuyo lala kungikhumbuza yena.”

UmaDlamini uthe nakuba besanethemba lokuthi bazoyithola isaphila indodakazi yabo, kodwa uma kuwukuthi ayisekho emhlabeni sebekhalela ukuthola umzimba noma ithambo layo.
“Sesiside lesikhathi, uma nje singathola noma ithambo lakhe lokho kuyosinika ukuthula ezinhliziyweni zethu sazi ukuthi sambekaphi noma washonaphi. Selokhu ahamba izinhliziyo zethu zisele nesilonda esingapholi.

Ngivuka phakathi namabili ngikhuleke ngicele enkosini ukuthi ingibonise indlela noma imbuyise ekhaya uma kungukuthi usaphila.

Ngisho umama wakhe usengumuntu obuthakathaka ngenxa yokuphathwa kabi ilolu daba,” kuchaza yena.

Uqhube wathi nakuba uMinenhle ebebuye ahluphe kodwa ubengakaze anyamalale ekhaya angaziwa ukuthi ushonephi.

Umndeni wakwaDlamini ucela noma ubani ongaba nolwazi ngokunyamalala kwaMinenhle Ndawonde ukuba axhumane noBawe Dlamini enombolweni ethi: 079 120 2253 noma axhumane noPhili enombolweni ethi:079 428 4017.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.