Uhlalele ovalweni owesifazane otalajwe amaphoyisa

2019-03-06 06:01

OWESIFAZANE waseMbali Unit 13 uthi namanje usathuka izanya ngemuva kokuba kugasele amaphoyisa lapho ehlala khona afike amutitinya ngesibhaxu ethi afuna akhiphe umuntu obulale iphoyisa laseMbali Unit 13 u-Warrant Officer Njabulo Ngcobo.

UNgcobo wadutshulwa wabulawa ngezintathakusa zangeSonto mhla zili-17 kuNhlolanja (February) ngemuva kokuba ephume ethi uyosiza umakhelwane okwakukholelwa ukuthi uyahlaselwa.

Lona wesifazane uthi amaphoyisa agasela lapho ehlala khona eMbali ngoLwesibili olwedlule mhla zili-19 kuNhlolanja (February) amushaya athi akapkhiphe umuntu obulale uNgcobo.

Ekhuluma ne-Echo lona wesifazane ongathanganda ukuba adalulwe igama uthe namanje yena nengane yakhe eneminyaka eli-12 ubudala basathukile kanti sebephila ngokwesaba zonke izinsuku.

“Ngesikhathi kufika la maphoyisa mina bengingazi nokuthi kukhona iphoyisa elidutshuliwe bengiqala ukuzwa ngawo amaphoyisa.Ngesikhathi efika la maphoyisa abehamba ngezimoto ezingaphezu kwezili-16.

“Afika angena angibuza umuntu ohlala endlini ngawatshela ukuthi angimazi umuntu ohlala lana ngibekise izimpahla zami ngoba ngiyakha.

“Bangitshela ukuthi lo muntu abamfunayo ngiyamazi. Bangibuza ukuthi ngihlala nobani ngabe sengiyasho base bethi uyena lona abamfunayo ngoba uyisigebengu uyabulala. Ngabatshela ukuthi angimazi ukuthi ulaphi.Ngemuva kwaloko ngavele ngezwa ngenkulu impama amaphoyisa angiqhumisa ngayo phambi kwengane yami.Ingane yami yakhala ibacela ukuthi bangiyeke kodwa bavele bayithatha bahamba bayoyivalela ekamereni,” kubeka yena.

Uthe la maphoyisa aqhubeka amushaya ngezimpama amudonsa nangezinwele amanye emukhahlela.

Uthe wabuza ukuthi kungani emushaya ngoba akenzanga lutho aphendula ngokuthi ayazi ukuthi akenze lutho kodwa afuna lo muntu amufunayo wona kumele amukhiphe asho ukuthi ulaphi.

“Bathatha umakhalekhukhwini wami befuna ukubona ukuthi ngikhulumani naye.Bangifasa ngamakhebuli bagidonsa bayongifaka kwenye yezimoto zamaphoyisa bangitshela ukuthi ngiyamazi lo muntu mina ngiyamuphika.Bathi kumele ngihambe nawo-ke siyomfuna, ngahamba-ke nawo ngoba base bengitshela nokuthi bazongibopha.

“Bangincenga bathi angikhulume iqiniso baze bangithembisa nemali engango-R30 000 uma ngabe ngibanikeza lomuntu abamfunayo. Ngifuna lolu daba lungenelelwe ngoba ngifuna ukwazi ukuthi ngishayelwani ngingenzanga lutho. Ingane yami ithukile kangangokuba isisaba ngisho umuntu odlulayo angiyiphathi-ke uma ngabe ibona imoto yamaphoyisa.Nami ngiyesaba kakhulu ngoba angazi ukuthi yini ezolandela. Ngize ngicabange ngisho ukuhamba la kodwa inkinga yami ukuthi angazi ukuthi ngizophuma ngibhekephi,” kubeka yena.

Lona wesifazane uthe usewavulele icala la maphoyisa kanti ufuna kube khona ubulungiswa ngento abayenza kuyena.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKapteni Nqobile Gwala amaphoyisa aphenya icala lokushaya.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.