Uhlaselwe kubangwa igama lozongena njengekhansela

2016-07-06 06:00
UMnuz Bongani Ngcobo othi uhlaselwe ephuma emhlanganweni we-ANC ngoLwesithathu.PHOTO: supplied

UMnuz Bongani Ngcobo othi uhlaselwe ephuma emhlanganweni we-ANC ngoLwesithathu.PHOTO: supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngobhululu bekhansela othi uhlaselwe ephuma emhlanganweni wegatsha le-ANC ngoLwesithathu olwedlule e-Elandskop.

Usazikhotha amanxeba uMnuz Sandile Ngcobo (34) onguSihlalo wentsha ngaphansi kuka ward 8 othi uhlaselwe ephuma emhlanganweni obusehholo lomphakathi kwaVulindlela ngeledlule.

Uthi umsindo ususwe ukungaqokwa kwekhansela elikhona uBethwell Ngcobo ukuba libuyele esikhundleni emuva kokhetho lohulumeni basekhaya mhlaka 3 ku Agasti.

“Bekuphakanyiswe amagama amane nalo elekhansela likhona kodwa kuthe uma kuvotwa kwacaca ukuthi kuthwelwe ngeqoma uMakhosazana Ngcongo nogcine ephakanyiswe njengekhandidethi elisha kwesobukhansela.”

Uthi labo abacheme nekhansela elikhona njengamanje bazwakalisa ukungagculiseki kwabo kulomhlangano owawubanjwe emasontweni amabili edlule nokuthe ngoLwesithathu olwedlule baphazamisa ukwethulwa kwalelikhandidethi elisha.

“NgoLwesithathu sesithula loyo ozongena kwesobukhansela babekhona futhi emhlanganweni nokwathi sesiphuma baqala amaculo ayenamagama ayiziswana bethi abahambisani nokhethiwe.

“Babe sebevala isango bachitha nomgqomo kadoti babasa nomlilo bethi akekho ozophuma ehholo.”

UNgcobo uthi leliqeqebana labe selisabisa ngokuthi lizoshaya ikhandidethi elisha elikhethiwe nelagcina seliphume ngesamagundane ngemoto eyagcina ijikijelwe ngamatshe.

“Bagcina bengenela thina ngesibhaxu bethi ithina esifake ikhansela elisha, mina bangishaya ngenduku esiphongweni kanye nangensimbi ekhanda, ngalesosikhathi ikhansela lalikhona lizihlalele emotweni lingazami nokulamula,” kusho uNgcobo othe kwasiza ukuthi kuqhamuke amaphoyisa babe sebephunyuka.

IKhansela uBethwell Ngcobo lithintwa mayelana naloludaba lithe angeke likwazi ukuphefumula ngalo kwabezindaba labe seliyalela ukuba kuthintwe usihlalo we-Screening Committee ewadini naye onqabile ukuphawula.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.