Uhleli ekhaya umfundi ogencwe ngobhushu

2019-11-13 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaULuyanda Mlotshwa olimale isandla nonyawo nomawakhe uDessie Mlotshwa.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaULuyanda Mlotshwa olimale isandla nonyawo nomawakhe uDessie Mlotshwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“BENGIZITSHELA uthi uzongibulala.”

Lawa ngamazwi omfana oneminyaka eli-16 ubudala wasendaweni yaseThembalihle osinde ngokulambisa ngesikhathi eklajwa ngobhushu walinyazwa ngunogada wepulazi lomoba eGlenwood.

ULuyanda Mlotshwa nowenza ibanga lika-Grade 8 esikoleni samabanga aphakeme iSobantu Secondary School uthi ubeya kamalume wakhe ngoLwesibili olwedlule ngesikhathi ehlelwa ilomshophi.

Uthe lesi sigameko senzeka ngezikhathi zehora lesithathu ntambama.

“Ngangiya kamalume wami onepulazi naye ngithi ngiyocela ukuba anginikeze umsebenzi epulazini lakhe uma ngabe sengiqede ukubhala izivivinyo zami ukuze ngizokwazi nami ukuthi kube khona imali engizijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimusi,” kuchaza yena. Uthe ngesikhathi eya kamalume wakhe, uhambe ngendlela enqamula emobeni nokuyinto ajwayele ukuyenza njalo uma ngabe eya kamalume wakhe.

“Bengingazitsheli ukuthi ngingahle ngehlelwe into ebuhlungu kangaka ngoba wonke umuntu usebenzisa lendlela njalo uma ngabe eya endaweni yaseGlenwood ngoba lenye ehamba izimoto iyajikeleza. Ngosuku lwesigameko ngithe sengizophuma emobeni sengibona kamalume, kwaqhamuka unogada ephethe ubhushu lona [wokuhlahla] umoba. Weza kumina ngejubane ewuphakamisile ubona nje ukuthi ngempela uzongigenca. Ngesikhathi esondela ngabona ukuthi uzongibulala ngempela ngabe sengiyaqala ngiyabaleka ngangena phakathi emobeni kanti uzongifica,” kuchaza yena.

Uthe unogada wayezama ukumgenca ikhanda ngobhushu ngesikhathi eselele phansi ethi ucashile kodwa wahluleka.

“Ngesikhathi ephakamisa ubhushu ethi uyangigenca ekhanda ngivike ngesandla sami sangakwesokunxele wabe eseshaya sona isithupha sami saphuma sasala phansi ngaleso sikhathi. Uphinde wangishaya futhi ngasesiswini ngaphakamisa idolo ngavika ngalo nalo walishaya inkomishi yalo idolo lahlukana phakathi wabe eseqeda uyabaleka ngoba ngase ngixhaxhaza igazi. Ngangizitshela ukuthi uzongibulala, kanti futhi naye nginesiqiniseko sokuthi wayezitshela ukuthi ungibulele. Ngesikhathi esehambile ngasukuma ngazama ukubaleka angibange ngisaqhubeka ukuya kamalume ngajika ngabuyela ekhaya ngashiya nesithupha sami emobeni ngoba ngangisaba ukuthi uma ngabe ngisibheka uzongibona bese abone ukuthi angifanga abuye azongiqedela,” kubeka yena.

ULuyanda uthe wazama ukubaleka waze waphumela eTamboville nokuyilapho afike aphelelwa khona amandla wabe eseyawa watholwa ngamalunga omphakathi nawabe esemphuthumisa esibhedlela. Kumanje uLuyanda uhleli ekhaya akakwazi ukubhala izivivinyo zakhe zokuphela konyaka ngoba ulimele kanti akakwazi ukubhala njengoba elimele isandla asisebenzayo.

“Angazi ukuthi ngizokwenzenjani ngoba angikwazi ukusebenzisa isandla sami sakwesokudla. Esibhedlela bazamile ukungifundisa kodwa kuyafana ngoba angikwazi. Kusho ukuthi mina kuphelile ngekusasa lami.

“Ngisho nasebusuku kusanzima ukulala ngoba njalo ngihleli ngiphupha engathi lento isaqala phansi iyenzeka,” kubeka uLuyanda nobehlengezela izinyembezi.

Umama kaLuyanda uNks Dessie Mlotshwa uthe ufuna ubulungiswa ngendodana yakhe.

“Lo muntu owenze loku ulibulele ikusasa lengane yami, izokwenzenjani manje ngoba ayisakwazi ukusebenzisa isandla. Ngisho edla useyafunzwa usephenduke ingane encane. Ebusuku akalali izinhlungu sekuze kwaphela ngisho amaphilisi awathola esibhedlela. Kumanje ingane yami ayikwazi ukuhamba iyobhala izivivinyo zayo zokuphela konyaka ngoba isandla asisebenzi. Ingane yami izoqhubeka kanjani nempilo ngoba isandla isona lesi esisebenzisayo?” kubeka yena.

UNks Mlotshwa uthe okumphatha kabi kakhulu ukuthi ingane yakhe ayinaso isithupha kodwa futhi abazi ukuthi bayophinde basitholephi.

“Ubani owaziyo ukuthi makukhona umuntu ositholayo uzosenzani njengoba sasala emobeni? Ngifuna ukubona kwenzeka ubulungiswa enganeni yami. Angeke ngize ngikuthole ukuphumula kungakenzeki kanti futhi angeke ngize ngikuthole ukuphumula ngize ngithole isithupha sengane yami,” kubeka yena.

Uthe walivula icala esiteshini samaphoyisa i-Mountain Rise kathiwa akalinde umseshi ozofika kuyena kodwa kuze kube imanje ubengakafiki. Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengakayiphenduli imibuzo ekade bethunyelelwe yona.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.