Uhleli lubhojozi ongenandlu

2018-11-07 06:03
UNks Zanele Mkhize eme eduze kwendlu yakhe ewile.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UNks Zanele Mkhize eme eduze kwendlu yakhe ewile.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USEFANA nohlala emnyango owesifazane waKwaMpumuza osekuphele amasonto amabili ebhidlikelwe idlu kodwa engalutholi usizo.

UNks Zanele Mkhize (38) uthi indlu yakhe eyayinamagumbi amathathu yawiswa imvula emasontweni amabili edlule kanti kumanje uhleli kuyona ngoba akukho lapho angaya khona .

Ekhuluma ne-ECHO uNks Mkhize uthe isimo sibi kangangokuba ingane yakhe efunda umatikuletsheni isiphazamisekile njengoba ingasakwazi ukufunda kahle nabangani bayo kwazise ayisenakhaya. Uthe indlu yakhe yawa ekhona ngaphakathi nenye ingane yakhe eyodwa kodwa ngenhlanhla akuzange kulimale muntu.

“Indlu yawa ebusuku iwiswa imvula.Ngibonga nje ukuthi sinengane yami saphuma siphila kuyona.

Ngesikhathi iwa inhabathi yawela phezu kwezimpahla kanye nokudla imbala kwazise indlu yami lena indlu yodaka. Kumanje izimpahla zisangaphansi kwenhlabathi njengoba ngingakwazi ngisho ukuvula umnyango kuleli elinye igumbi.

“Angiphathekile kahle neze ngenxa yesimo esengiphila ngaphansi kwaso manje. Angisebenzi ngiphila ngokuqoqa amabhodlela kanye nezigubhu ngihambe ngiyokudayisa ngiphinde ngisize ngokuwasha kweminye yemizi endaweni ngithole lawomasentshana ukuthi sikwazi ukuthi silale sidlile nathi.Anginawo amandla okuthi ngingakwazi ukwakha njengoba ngingasebenzi. Ngicela nje usizo lokuthi nami ngibe nendawo ephephile engingakwazi ukuhlala kuyona nezingane zami noma indlu yomxhaso.”

Uqhube wathi nokuphepha akusekho njengoba ingasavaleki indlu. “Uma ngabe ngizohamba nomangiyaphi kudingeka ukuba ngicela omakhelwane ukuba bangibhekele noba umuntu angangena azithathele kona loku okuncane okusele aqede aphume azihambele.

“Ngake ngazama ukubhalisela indlu yomxhaso ngaphambilini kodwa ngangawuthola ngatshelwa ukuthi igama lami aliveli kwi-system. Okubuhlungu ngako konke loku ukuthi imina owayehamba ehla enyuka ebiza abantu ebatshela ukuthi kuyabhaliselwa imixhaso kodwa mina ekugcineni angisawutholi.Ngisho sekungathiwa inoma omuphi ke umsamariya olungileyo ongaqhamuka angisize ngingajabula kakhulu ukuze nje nami izingane zami zibe nekhaya elihloniphekile neliphephile. Manje awusakwazi ngisho ukuzishiya izingane ngoba usaba ukuthi zizongenelwa abantu.”

Uthe uselibikelile ikhansela lakule ndawo uNkk Jabu Ngubo wabe esefika ezohlola isimo wathembisa ukuthi uzomuzamela usizo.

“Ikhansela lifike ngoMsombuluko lathi lizoya kokhuluma nabantu laba abakha izindlu inkampani yaka-VDA ukubona ukuthi angeke yini baze bakwazi ukungisiza ngendlu njengoba ngake ngayibhalisela ngaphambilini.”

Imizamo yokuthola ikhansela ayiphumelelanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.