Uhlelo lokufundisa izingane izincwadi eDambuza

2018-11-21 06:01
Ezinye izingane esezijoyine lolu hlelo lokufunda.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Ezinye izingane esezijoyine lolu hlelo lokufunda.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO iMancinza Project isisungule uhlelo lokulekelela abafundi ukuba bakwazi ukufunda izincwadi zesiNgisi ngaphandle kwezinkinga baphinde bakwazi nokuxoxa izindaba ngaphandle kokungazethembi.

Lolu hlelo lusungulwe ngonyaka owedlule lapho abafundi abenza u-Grade R kuya ku-Grade 7 behlangana njalo ngeMgqibelo bafundiswa ukufunda izincwadi kusukela ngehora lesithathu ntambama kuya kwelesihlanu ntambama (3 pm-5 pm). Baphinde bathole nethuba lokwenziswa umsebenzi wesikole phakathi nezinsuku ukuze bezokwazi ukuthi benze kahle esikoleni.

Ngokusho kukaNks Nonhlanhla Ntuli ongomunye wabasunguli balolu hlelo, kumanje sebenabantwana abagama-35 ababafundisayo kanti sebethole nabanye abantu abadala abafundela ubuthishela abavolontiyayo ukufundisa lezi zingane ngezimpelasonto.

“Inhloso yethu enkulu ngalolu hlelo ingoba sifuna ukusiza izingane eziphuma ezindaweni esihlala kuzo ngolimi lwesiNgisi siphinde sizigqugquzele ukuba zithande ukufunda. Sifuna ukukhombisa futhi ukuthi akubalulekile ukuthi ufunda kwesiphi isikole kodwa okubalulekile ukuthi uzimisele kangakanani.

“Izingane eziningi esinazo njengamanje yizingane eziphuma khona endaweni yaseDambuza kanye nasendaweni yaKwaPata kodwa zifunda ezikoleni ezahlukene. Ngisebenzisa umuzi wami njengendawo esihlanganela kuyona ngoba asinayo enye indawo esingahlanganela kuyona. Sisebenzisa nemali yethu ukuthi lezi zingane zikwazi ukuthi zithole okuya ngasethunjini.Kodwa into esesiyibonile selokhu siluqalile lolu hlelo siyawubona umehluko omkhulu ezinganeni eziningi kanti futhi ezinye zazo seziqale ukwenza kahle kakhulu nasesikoleni,” kubeka yena.

Uthe ababhekile kuphela ekuzifundiseni lezi zingane kodwa sebeqale nokulungisela ukutshala njengoba befuna ukuba nengadi yabo abazokwazi ukuthi balekelele ngayo labo bantwana abangenako ukudla emakhaya.

“Sifuna ukuthi uma ngabe kukhona umntwana othi akanako ukudla ekhaya sikwazi ukuthi simukhelele engadini yethu simunikeze ngoba angeke baze bakwazi ukuthi bafunde kahle bengadlile. Siphinde sizame ukukhuluma nabo nangezinkinga abanazo noma ngabe isezimpilweni zabo okanye isemakhaya ngenhloso yokuthi sifuna ukubasiza ukuthi bangaphazamiseki ezifundweni zabo ngenxa yezinkinga abanazo. “Into esiyidingayo nje uxhaso noma ngabe luvela kubani. Okuyindlwana nje kanye nezitulo ukuthi sikwazi ukuhlanganyela khona kanye nezincwadi ngoba abantwana bayanda nsukuzonke.” Ngeminye imininingwane mayelana nalolu hlelo okanye uma ngabe ufuna ukusiza ungathintana noNks Ntuli enombolweni ethi: 079 986 7120.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.